UCelani Sikhakhane ukulethela izindaba zakamuva ezenzeka KwaZulu-Natal.
ENkandla: Iqembu loMkhonto weSizwe limeme i-ANC emhlanganweni wokudingida ngohulumeni wobumbano kwisifundazwe saKwaZulu-Natal. IPhini lesibili likaMengameli weqembu uTony Yengeni utshele i-ANC encwadini ukuthi bahlangane ne-NFP ne-EFF ukudingida udaba lokubunjwa kukahulumeni omusha eKZN. Uthe njenge-MK Party bafuna ukwakha uhulumeni ozinzile njengoba besaqhubeka nezingxoxo zokuthi kubunjwe uhulumeni omusha wobumbano. I-MK Party yenze imizamo eqinile yokuxoxisana namanye amaqembu ezepolitiki njengoba ifuna ukwakha uhulumeni omusha wobumbano. Sebeze bafaka isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNdunankulu uThami Ntuli ngaphandle kwempumelelo. Umhlangano uzokuba ngomhlaka-7 kuNdasa ka-2026.
EThekwini: Omele i-DA esikhundleni sobuMeya eThekwini, uMnuz Hannif Hoosen, usebhalele uMengameli Cyril Ramaphosa emphosela inselelo yokuthi ethule ingqalasizinda entsha ezolethela abantu baseThekwini amanzi nezitamkoko. “Ngibhalele uMengameli Cyril Ramaphosa, ngimphosela inselelo ukuthi asebenzise ukuvakasha kwakhe eThekwini ukuveza ingqalasizinda yokulethwa kwezidingongqangi ezosiza abantu baseThekwini bathole amanzi nezitamkoko, kunokuba embule imifanekiso. UMasipala weTheku umemezele ukuthi ohambweni lwakhe oluzayo kuleli dolobha ngomhlaka-3 kuNdasa ka-2026, uMengameli Ramaphosa uzokwethula imifanekiso emibili ebiza u-R22 million,”kusho uHoosen.
EPort Shepstone: Amaphoyisa KwaZulu-Natal abophe abasolwa abane abaneminyaka ephakathi kuka-21 no-38 eThekwini ngecala lokuthumba. Lokhu kulandela ukuthi umndeni wasePaddock ubike emaphoyiseni ngokuthunjwa kwelungu lawo lomndeni elineminyaka engu-38 ubudala ngeSonto. Amaphoyisa angamalungu ophiko lwe-Counter Narcotics Unit kanye neProvincial Organised Crime Threat Desk athole imininingwane yokuthi abasolwa bebengaphakathi kwesinye sezitolo esikuSt George’s Street, eThekwini. Ithimba libize uphiko lweDurban Central Crime Prevention obeluseduze nalapho abasolwa bebehlala khona ukuze bababambe ekhoneni ngaphambi kokuthi babaleke. Abasolwa abathathu baboshwe ngempumelelo. Amaphoyisa aseshe imoto yabo athola amakhadi asebhange amabili esisulu kanye ne-sim card kamakhalekhukhwini. Olunye uphenyo luholele amaphoyisa eMayville lapho isisulu sitholakale khona sisaphila aphinde abopha umsolwa wesine. Abasolwa ababoshiwe bavalelwe babekwa amacala okuthumba. Bazovela eNkantolo yeMantshi yasePort Shepstone ngoLwesithathu.
Esithombeni esingenhla: IPhini lesibili likaMengameli we-MK Party uTony Yengeni ebiza i-ANC ukuze bakhe uhulumeni wobumbano omusha nayo e-KZN.
Umthombo wesithombe: MK
