UCelani Sikhakhane ukulethela izindaba zakamuva KwaZulu-Natal.
EMfolozi – UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo, uMfundisi Musa Zondi, usenxuse amaphoyisa ukuthi avikele abadayisi emigwaqeni, wathi yibona abasengozini kakhulu kunamanye amabhizinisi. UZondi uthe abathengisi baneqhaza elikhulu ekulweni nokuntuleka kwemisebenzi okuphezulu, nokho babhekana nezinsongo ezingapheli. Ukhulume KwaMbonambi ngase-Richards Bay, lapho ehlanganyele neMeya yaseMfolozi, uMnuz Xolani Bhengu, bevulela abadayisi basemgwaqweni iMakethe entsha KwaMbonambi iningi labo okungabesifazane. UZondi uthe izigebengu zivame ukukhomba abantu besifazane abadayisayo ngoba babukeka beyizisulu ezilula uma beqhathaniswa namabhizinisi amakhulu. IMeya uBhengu inxuse uhulumeni wesifundazwe ukuthi akhe inxanxathela yezitolo kule ndawo, wathi ngisho indawo yasemakhaya ehlwempu yaseMsinga inenxanxathela yayo.
EThekwini – Amaphoyisa KwaZulu-Natal abophe abasolwa abangu-13 579 ngoMbasa ka-2025 ngamacala ahlukene aphinde athola izibhamu ezingu-313, okubalwa kuzo nezibhamu ezingu-26. Amaphoyisa aphinde ashaqa nezinhlamvu ezingu-3,806. Lokhu kuboshwa kulandele lokho amaphoyisa akuchaza njengokuzikhandla ukubamba abephula umthetho. Kulabo ababoshiwe, bangu-3,336 ababanjwe ngamacala okwenza ubugebengu behlelile. Lokho kufaka phakathi abantu abangu-1,540 abasolwa ngokushaya ngenhloso yokulimaza. Bangu-194 abasolwa ababoshelwe ukugebenga nabangu-178 ababoshelwe ukudlwengula.
ENkandla – UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, ehambisana neMeya yaseNkandla uNonhlanhla Nzuza, bethule amalungiselelo esikhungo sokulawulwa kwezinhlekelele esizodla izigidi zamarandi. Bavakashele le ndawo njengengxenye yeNkandla Integrated Service Delivery Programme. INkandla nezindawo eziseduzane zihlale zisatshiswa ngokusha ngenxa yamahlathi aminyene. Abantu bendawo, ikakhulukazi labo abalimayo balahlekelwe kakhulu eminyakeni edlule.
Esithombeni esingenhla: Abadayisi basemarenki noNgqongqoshe we-EDTEA uMfundisi Musa Zondi kanye neMeya yaseMfolozi uXolani Bhengu ngesikhathi benikezela ngezitolo eziyisishiyagalombili nezindawo zokukhosela kubadayisa baKwaMbonambi.
Umthombo wesithombe: Mfolozi Local Municipality