UCelani Sikhakhane ukulethela izindaba zakamuva ezenzeka KwaZulu-Natal
EMlazi – INyuvesi yaseMangosuthu yezobuchwepheshe (MUT) iqophe umlando ngemuva kokuthi iqoke iPhini likaShansela noThishomkhulu wesifazane – obekuqala ngqa selokhu yasungulwa ngo-1979. Kuleli sonto izifundiswa, abafundi kanye namalungu omndeni bebehlangene emcimbini wokugcotshwa kukaSolwazi Nokuthula Sibiya emcimbini ophawulekayo obugcwele imidanso. USolwazi Sibiya uchazwe njengesikhuthazo emantombazaneni asemancane asemalokishini nakubesifazane abashadile ngokufanayo ukuthi bagudluze imigoqo yokunyukela ezikhungweni zemfundo ephakeme. Uthe: “Kunzima njengomakoti ukuqhubeka nezifundo zakho ngoba kufanele udele konke ngesikhathi uqinisekisa ukuthi umndeni wakho awuzizwa unganakiwe.
EMgungundlovu – Lisenkingeni ikusasa lebhodi leNgonyama Trust, esolwa ngokungahloniphi iSilo uMisuzulu KaZwelithini njengoSihlalo wayo. Lokhu kuza ngemuva kwemibiko yokuthi iSilo siyalele uNgqongqoshe wezokuBuyiswa koMhlaba uMnuz Mzwanele Nyhotso ukuthi ahlakaze ibhodi, ezwakalisa ukungenami kwakhe ngesikhulu esiphezulu uVela Mngwengwe. Leli bhodi lisolwa ngokuhluleka ukwamukela iSilo uMisuzulu njengosihlalo omusha ngemuva kokuxosha iNkosi uThanduyise Mzimela.
EThekwini – UMengameli uCyril Ramaphosa uhlangane nesigungu esiphezulu sik ANC KwaZulu-Natal okokuqala ngqa eThekwini ngoLwesithathu ebusuku ngemuva kokuzama ukuhlakaza uHulumeni woBumbano wesiFundazwe. Lokhu bekumayelana nezindaba zikaNdunankulu weSilo uMisuzulu KaZwelithini, uMfundisi uThulasizwe Buthelezi. Lo mhlangano ubuhanjelwe ngowayengumkhulumeli we-ANC, uMnuz Zizi Kodwa, osanda kukhululwa enkantolo ngemuva kokusolwa ngenkohlakalo. UMengameli ube nesidlo sakusihlwa kube kusetshenzwa namalungu e-KZN PEC kanye namalungu e-NEC ehhotela i-Coastlands. USihlalo we-ANC esifundazweni uSiboniso Duma uthe: “Sizocija uhlelo lwethu lokusebenza futhi sizibophezele ekuqiniseni imizamo yethu yokubuyisela ithemba kubantu bakithi ku-ANC njengethuluzi lenkululeko yabo bonke abantu.
Esithombeni esingenhla: Inyuvesi yaseMangosuthu yezobuchwepheshe ibungaza uSolwazi Nokuthula Sibiya.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
