URorisang Modiba ubika izindaba zakamuva ezivela emhlabeni jikelele.
E-USA – UMelania Trump ubegqoke ingubo emhlophe enemibala emnyama emcimbini wokugcotshwa kukaDonald Trump okwesibili ngomhlaka-20 kuMasingana. Umngane wakhe uHervé Pierre nguyeka owenze ingubo, njengoba nje ayemenzele ingubo yakhe ayigqoka ngokugcotshwa okokuqala. Ngasekuqaleni kwalolo suku, wayegqoke ijazi eli-navy blue nesiketi sika-Adam Lippes nesigqoko. Phakathi nomcimbi, uDonald uzamile ukumqabyla esihlathini sakhe kodwa wageja, kunalokho wamqabula emoyeni.
E-UK – Odokotela bahlenge umama wezingane ezintathu ngokukhipha i-tumour obekucatshangwa ukuthi ngeke ikhishwe ngempumelelo. UKaviya ubene-growth ngaphansi kobuchopho bakhe nangemuva kwamehlo akhe. Ngemva kokuthola ukuthi une-tumour yesibili ngoMfumfu, odokotela basesibhedlela i-Leeds bamhlinza ngoNhlolanja ka-2024. Bazilolonge ngamamodeli e-3D ngaphambili. Ngenxa yezindlela ezintsha, ukuhlinza kuthathe amahora amathathu nje kuphela, futhi uKaviya ukuhamba ukuhamba ngalo lolo suku.
E-Burkina Faso – UMengameli u-Ibrahim Traoré usevale amajaji ukuthi agqoke amawigi amhlophe, afana nalawo agqokwa eziNkantolo zase-Britain nase-France. Ufuna ukususa imikhuba emidala yobukoloni eziNkantolo zezwe. Amanye amazwe ase-Afrika nawo azama ukubuyisa amasiko awo esikhundleni sokulandela imikhuba yakudala yamakoloni.
E-Japan – Ama-sunfish e-aquarium yase-Japan ayale ukwenza ngendlela engajwayelekile ngesikhathi le ndawo ivalwa ukuze ilungiswe ngoZibandlela. Abezinikina ethangini ayeka nokudla. Abasebenzi ekuqaleni babecabanga ukuthi ayagula kodwa ngokuhamba kwesikhathi babona ukuthi mhlawumbe isizungu esikhona ngaphandle kwezivakashi. Babeka ubuso babantu ethangini, izinhlanzi zajabula, zadla futhi. Izinhlanzi ezinobungane, ezithandwa izivakashi, kufanele ziphinde zibone abantu bangempela lapho i-aquarium iphinda ivulwa ehlobo.
Esithombeni esingenhla: UMelania Trump.
Umthombo: X