Izindaba ezifingqiwe zaseKZN: UShembe kanye nosomabhizinisi woMdabu waseNdiya bagquguzele ukuthula bembula isoyi leSivananda

UCelani Sikhakhane ukulethela izindaba zakamuva zaKwaZulu-Natal.

E-Groutville – Umholi webandla lakwaShembe uMduduzi Nyazilwezulu Shembe ujoyine uhulumeni waKwaZulu-Natal emcimbini wokuqala kokwakhiwa kweprojekthi ye-Sivananda World Peace Foundation’s International Peace, Yoga & Wellness Centre. Lo mcimbi ubuphawula ukuqala kokwakhiwa kwesikhungo okuhloswe ngaso ukugqugquzela ukuthula, ukuphila kahle nokukhula ngokomoya. Unyazi Lwezulu luncome uMntwana u-Ishwar Ramlutchman Mabheka Zulu ngeqhaza lakhe lokuhola isisekelo kanye nokwesekwa kwakhe ebandleni. Uthe ukusebenzisana kwenhlangano nebandla lakwaShembe kulethe izinzuzo eziningi ebandleni nasemphakathini wonkana.

Ethekwini – Isikhungo esibhekelela amanzi nokuthuthwa kwendle kuMasipala weTheku sizokwakhiwa kabusha ukuze kwenziwe uhlelo lwaso lube yisimanje futhi kubhekwane nezinkinga osekunesikhathi eside zikhona. Ukuthuthukiswa kufaka phakathi isiteshi se-WhatsApp esixhunywe ohlelweni oluzoba nempendulo engcono kumakhasimende uma efaka isikhalazo. Ukulungiswa kabusha kuzokwenziwa ngonyaka wezimali ka-2025/26. Ibamba lePhini leMenenja yeDolobha lezoHwebo u-Ednick Msweli wethule umbiko emhlanganweni weKomidi eliPhezulu lakamuva. Uthe ukubambezeleka kokuthuthukiswa kwalolu hlelo kudalwa ukushoda kwesabelomali.

E-UKZN – I-International League of Dermatological Societies (ILDS) isikhiphe isexwayiso esibuyekeziwe mayelana nokusetshenziswa budedengu kwe-topical corticosteroids. Ibize ukushintshwa kwesikhumbu njengenkinga yezempilo yomphakathi ekhulayo emhlabeni wonke futhi yacela ukuthi kuthathwe izinyathelo eziphuthumayo.

Esithombeni esingenhla: Umholi webandla lakwaShembe Inkosi uMduduzi Nyazilwezulu Shembe noNgqongqoshe we-Cogta uMfundisi uThulasizwe Buthelezi kanye noMntwana u-Ishwar Ramlutchman Mabheka Zulu emcimbini wokuqalwa ukwakhiwa kweSivananda e-Groutville.

Umthombo wesithombe: Cogta

Izihloko zakamuva