Izindaba ezifingqiwe zaseKZN: Kudutshulwe abasolwa abane abebesanda kugebenga umuzi ePinetown

UCelani Sikhakhane ukulethela izindaba zakamuva zaKwaZulu-Natal.

EPinetown: Kudutshulwe kwalimala abasolwa abane abebesanda kugebenga umuzi ngesikhathi bedubulana namaphoyisa ku-Underwood Road ePinetown ngoLwesibili ntambama. Amaphoyisa abe esesabela esigamekweni sokugetshengwa komuzi ku-Oxford Road eParadise Valley ePinetown kwathi lapho esondela kulo muzi obugetshengwa, amaphoyisa ahlonze imoto emhlophe yohlobo lwe-VW Polo ebeyihamba kwelinye uhlangothi maqede azama ukuyimisa imoto. Umshayeli wayishaya indiva imiyalelo yamaphoyisa wabe esesuka ngesivinini. Abe esemjaha ngesivinini ku-Underwood Road abasolwa bavulele ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni. Amaphoyisa aphindisele ngenhlamvu kwase kulandela ukudubulana. Ngemuva kwesigameko sokudubula abasolwa kutholakale ukuthi bebenamanxeba okudutshulwa base belashelwa endaweni yesigameko ngaphambi kokuba baphuthunyiswe esibhedlela begadwe ngamaphoyisa. Kutholakale izibhamu ezimbili, i-flat screen TV, ubucwebe, izikhwama ezimbili zohlobo oluphambili kanye nempahla yasendlini kubasolwa.

EScottburgh: INkantolo eNkulu yaseThekwini ehlezi eScottburgh igwebe indoda eneminyaka engu-39 ubudala odilikajele abathathu neminyaka engu-14 ngamacala okubulala nokuzama ukubulala amalungu omndeni wayo ngoNcwaba 2023 endaweni yaseChatsworth. Ukulahlwa kwakhe yicala nesigwebo kuhlanganisa namacala ahlobene nesibhamu nezinhlamvu. Umsolwa kanye nomufi oneminyaka engu-39 ubudala bebethandana futhi benezingane ezimbili ezincane. Nokho ngesikhathi sesigameko bese behlukene, umufi ubehlala eChatsworth nabazali bakhe. Umsolwa ubehlala eGreytown nezingane ezimbili.

EDurban: Umsebenzi wokuguqula u-Shepstone Street phakathi kuka-Dr Langalibalele Dube Street kanye no-Bell Street osuka emgaqweni owodwa osuzoba imigwaqo emibili usuphothuliwe futhi uzoqala ukusebenza mhlaka-18 kuNcwaba wezi-2025 eDolobheni laseThekwini. Iphrojekthi yokuhlola ukuguqulwa ihlose ukuqinisekisa ukufinyeleleka okulula nokuphephile endaweni yasePhoyinti. Umsebenzi uqale ngoNhlangulana kulo nyaka, lapho amathimba efaka izimpawu zomgwaqo ezintsha, ukumaka umgwaqo kanye nezimpawu zokulawula abashayeli umgwaqweni omusha. Ukuguqulwa kuyisivivinyo esizoqhutshwa izinyanga eziyisithupha kuze kube nguNhlolanja 2026. Ngesikhathi sesivivinyo, uMkhandlu wezokuThutha kuMasipala weTheku uzocwaninga futhi uhlole ukusebenza komgwaqo uShepstone Street ozohamba ngezindlela ezimbili unomphela.

Esithombeni esingenhla: Kudutshulwe kwabulawa abasolwa ngesikhathi kubanjwa inkunzi ePinetown ngoLwesibili ntambama.

Umthombo wesithombe: KZN SAPS

Izihloko zakamuva