UCelani Sikhakhane ukulethela izindaba zakamuva ezenzeka KwaZulu-Natal.
EMlazi: I-Methodist Church KZN Youth Wesley Guild inconywe ngeqhaza layo ekuthuthukisweni komphakathi kanye nokuhlenga impilo yabakhahlanyezwe yizikhukhula. Lezi zincomo zenziwe kuleli sonto emhlanganweni webandla (27th) obuselokishini laseMlazi kwa-BB eningizimu yeTheku lapho uMbhishobhi wesifundazwe uLinda Mandindi evalelise abaholi bentsha abaphumayo njengoba ihlandla labo leminyaka emithathu lifinyelele esiphethweni kule nyanga. UMbhishobhi Mandindi udalule ukuthi intsha yeBandla ibeke impilo yayo engcupheni isiza abakhahlanyezwe yizikhukhula eKZN yaphinde yaqoqa iminikelo yokwakha izindlu zabanye abakhahlamezekile. Banconywe nangeqhaza elikhulu ekufundiseni izingane ezifunda emazingeni aphansi nalezo ezisezikhungweni zemfundo ephakeme njengoba bezinikelela ngamaphasela okudla nezinsiza zokufunda. Ibandla lamaWeseli eKZN liphinde lancongwa ngokulwa nesihlava sokungazwani ngenxa yobuzwe ikakhulukazi phakathi kwamaZulu namaXhosa. Lokhu kwaqalwa ngumbhishobhi wokuqala wesifazane waseDurban Central, uPurity Malinga.
EMgungundlovu: Uphenyo ngokushona kukaMnuz Mlungisi Griffiths Mxenge owayengummeli wamalungelo abantu owabulawa iSecurity Branch ngoLwezi ka-1981, lubuyele eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu namuhla. Inhloso yophenyo ukuthola ngezimo eziholele ekubulaweni kukaMxenge. Udaba lophenyo lwavela okokuqala enkantolo ngomhlaka-14 kuMbasa ka-2025. Nokho aluzange luqhubeke ngaleso sikhathi ngenxa yezindaba zokumelwa kwezomthetho kwalabo ababengamalungu ophiko lwezokuphepha ababeveza ukuthi babefuna ukumelwa ngokusemthethweni ngesikhathi kuqhubeka icala. Ukuqulwa kwecala kwahlehliselwa uNhlangulana ka-2025 kuze kube imanje ukuze kunikezwe laba bantu ithuba lokufaka isicelo sokumelwa kumqashi wabo wangaphambili, uMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika. Namuhla inkantolo izwe ukuthi abezomthetho bakwa-SAPS bagunyaze zonke izicelo zabo zokumelwa ngokomthetho, futhi izindaba zithunyelwe kuMmeli Wombuso. Ukuqulwa kwecala kwahlehliselwa umhlaka-27 kuLwezi ka-2025 ukuze kube khona ofakazi abasasele kanye nabamele umthetho.
EMpophomeni: IDemocratic Alliance esifundeni uMgungundlovu isibhalele iMeya uMzi Zuma icela ukuthi isukumele ngokushesha ukulethwa kwamanzi nokuthuthwa kwendle futhi kuqedwe le nkinga endaweni yaseMpophomeni. Lokhu kulandela ukuthi iDemocratic Alliance ihambele eMpophomeni, kuwadi 8 no-9, lapho ithole khona umphakathi ukhungathekile ngenxa yeminyaka ungawatholi amanzi.
Umasipala wesifunda uMgungundlovu yiwona ohlinzeka ngosizo lwamanzi komasipala baseMngeni, uMshwathi, uMkhambathini, Mpofana, uRichmond kanye neMpendle. Okwamanje, izakhamuzi ziphoqeleka ukuthi zithembele emathangeni amanzi afika ngezikhathi ezithile futhi agcwalise amathangi akwaJoJo abekwe kude nemizi eminingi.
Esithombeni esingenhla: Ibandla LamaMethodist Lebandla Lentsha Ye-Wesley’s Guild.
Umthombo wesithombe: Isonto LamaWeseli.
