Izindaba ezifingqiwe zaseKZN: IMeya inikele ngezipho esikoleni eyaqala kusona ukufunda

UCelani Sikhakhane ukulethela izindaba zakamuva zaKwaZulu-Natal.

ULundi – IMeya ye-IFP, uWilson Ntshangase, inikele ngezipho lapho eyaqala khona ukufunda, ivakashele esikoleni samabanga aphansi iThaphokuhle lapho eyaqala khona u-Grade R ngo-1975. Imeya ilethe izipho esikoleni esiku-Ward 10 esigodini saseMhlahlane okubalwa amadeski, imifaniswano yesikole nokunye. Waxoxa ngezindaba ngezinsuku zakhe esafunda, exoxa ngokuthi abafana abancane babezilinganisa kanjani izifundo zabo nokwelusa izinkomo.

EMngeni – I-DA iyabungaza ngemuva kokuba umasipala waseMngeni uthole amabhuku angenasici onyakeni wesithathu uqhuba. Iqembu lincome ubuholi beMeya uChris Pappas, lathi umasipala uyiphethe kahle imali futhi uyekile ukumosha imali kule minyaka emithathu edlule.

EMgungundlovu- I-ANC e-KZN isimi ngomumo womgubho losuku  lesitatimende sayo sikaMasingana sangomhlaka-8 ozoba ngeSonto, ngesikhathi ilinde izinguquko ekomkhulu leqembu eLuthuli House. Kulo mcimbi kuzokhuluma iPhini likaNobhala Jikelele uNomvula Mokonyane. Uyabeseka abaholi baseKZN futhi useyimisile nemizamo kaNobhala Jikelele uFikile Mbalula yokubugudluza.

Esithombeni esingenhla: IMeya yasoLundi uWilson Ntshangase unikele ngezicathulo nefenisha esikoleni aqale kuso uGrade R ngo-1975.

Umthombo: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva