UCelani Sikhakhane ukulethela izindaba zakamuva zaKwaZulu-Natal.
EMgungundlovu– Abantu bezigodi ezahlukene bagasele emahhovisi eNgonyama Trust ngoLwesihlanu befuna umhlaba kanye nemali abathi ngeyabo. Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi amabutho kaZulu ehoxise umbhikisho abewuhlelile ngomzuzu wokugcina. Kwesinye isigameko, ilungu lebhodi iNkosi uMabhudu Tembe ushiye phansi ukukhombisa ukweseka iSilo uMisuzulu kaZwelithini.
E-Durban – Umsolwa osolwa ngokubulala uMfanafuthi Kunene uvele wakhihla isililo ngesikhathi etshela umama wakhe ukuthi wabulala u-Ayabonga Mjilo. Iphephandaba lesiZulu lithi ngemuva kokuzwa ukuvuma kwendodana yakhe ngokulwa kwayo no-Ayabonga, umama lo uvele wabiza abaphenyi abangamaphoyisa.
ONgoye – UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThamsanqa Ntuli, usencome uNgqongqoshe wezeMfundo wokuqala eNingizimu Afrika, uSolwazi uSibusiso Bengu, njengomuntu owalwela ubulungiswa nokulingana. UNtuli umbize “ngesibani sethemba” esibasebenzele kahle abantu sagqugquzela nabanye. Usolwazi uBengu ungcwatshwe ngoLwesihlanu, mhla ziyishumi kuMasingana. UMengameli uCyril Ramaphosa umemezele umngcwabo wakhe njengomngcwabo okhethekile weSigaba sesibili.
Esithombeni esingenhla: Bekugcwele ubuwelewele emahhovisi eNgonyama Trust ngoLwesihlanu ngesikhathi abantu bezigodi ezahlukene bebhikisha emahhovisi aseMgungundlovu beseka iSilo uMisuzulu kaZwelithini.
Umthombo: Sithunyelwe