Izindaba ezifingqiwe zaKwaZulu-Natal: Amabutho ahlela umbhikisho mayelana nokudayiswa komhlaba wakwaZulu

UCelani Sikhakhane uletha izindaba zakamuva zaKwaZulu-Natal.

KwaNongoma – Amabutho kaZulu (‘Regiments’) ahlela umbhikisho onokuthula njengoba ezobhikishela iBhodi le Ngonyama Trust efuna ukwazi kabanzi ngokudayiswa komhlaba ngesamba sika-R22.1-million. Umholi wamabutho umntwana uPrince Vanana Zulu wakwaMinyamanzi ukhiphe isitatimende ngoLwesine wathi bafuna nencazelo mayelana namalungu ebhodi angasihloniphi iSilo uMisuzulu KaZwelithini. Isikhulu esiphezulu se-ITB, u-Adv Vela Mngwengwe, seluleke abasebenzi be-ITB ukuthi bangezi emsebenzini kusasa ngoba bakhathazekile ngokuphepha kwabo.

E-Durban – I-African National Congress Veterans League (ANCVL) KwaZulu-Natal ihlanganyela nesizwe ekukhaleni ngokulahlekelwa ngumhlengikazi wangempela owayezinikele, uComrade Celia Helen Ntombenhle Khuzwayo, owayedume ngelika-‘Fitho’. I-ANC ithe uKhuzwayo – owayeyingqalabutho yezokunakekelwa kwempilo futhi eyingqalabutho yenkululeko – udlule emhlabeni eneminyaka engu-88 eGoli mhla zimbili kuMasingana. UKhuzwayo wazalelwa futhi wakhulela eBaumanville, eThekwini, ngaphambi kokususwa ngendluzula wayiswa eChesterville.

EDumbe – Izimvula ezinamandla zicekele phansi imizi nengqalasizinda yemigwaqo ezindaweni zasemakhaya eDumbe (Paulpietersburg) enyakatho neKZN. Lezi zimvula ngoLwesithathu zidale umonakalo 

ezigodini eziningi nasemphakathini wabalimi, okuyinto ebalulekile endaweni. Izikhulu zikamasipala waseDumbe bezisebenza kanzima ngoLwesine zilungisa ingqalasizinda ecekeleke phansi okubalwa imigwaqo namabhuloho agugulwe yizikhukhula.

EMhlanga: UMasipala weTheku umemezele ukuvulwa kabusha kwebhishi laseMhlanga  kanye neBronze Beach. Amabhishi avulwe ngoLwesine ngemuva kokuvalwa kwesikhashana yiDolobha ngesikhathi kuqhubeka uphenyo kulandela imibiko yentonga eqinile “emise okwebhola” ehlanganiswe nesihlabathi solwandle. Imiphumela yaselabhorethri yamasampula athathwe emabholeni aqinile, aboniswe kuvidiyo ezungeze ezinkundleni zokuxhumana, ithole ukuthi izinhlayiya eziqinile zingamafutha, okungenzeka ukuthi avela ezindaweni zokudla.

Esithombeni esingenhla: Amabutho kaZulu azoba nombhikisho ngoLwesihlanu ekhala ngempatho yeSilo uMisuzulu kaZwelithini nokudayiswa komhlaba kaZulu yiBhodi leNgonyama Trust. 

Umthombo: X

Izihloko zakamuva