Izindaba ezifingqiwe: Owesilisa isiza izingane zasemakhaya ukuthi zifunde ngezikhwama ezisebenzisa amandla elanga

URorisang Modiba ukulethela izindaba zakamuva ezivela emhlabeni jikelele.

E-Tanzania – Owesilisa okhule engenawo ugesi usungule ubhaka osiza izingane zasemakhaya ukuthi zifunde ebusuku. U-Innocent James, wase-Arusha, wenza i-Soma Bags enamalambu asebenzisa amandla elanga ngaphakathi. Uqale kancane kodwa manje usedayisa izikhwama ezingaphezu kuka-36 000 e-Afrika yonkana. Izikhwama zingakhanyisa uma ufunda zingaphinde zishaje omakhalekhukhwini. Izinhlangano ezisiza umphakathi ezingaphezu kuka-200 zinikeza lezi zikhwama ezinganeni ezizidingayo emazweni afana ne-Tanzania, i-Nigeria, ne-Rwanda. Uhulumeni wase-Britain kanye ne-UN basiza uJames ukuthi afinyelele izingane ezengeziwe.

E-USA – Umculi uChris Brown umangalele i-Warner Bros ngo-R9.5 billion (US$500 million). Uthi uhlelo lwabo lukamabonakude iChris Brown: A History of Violence lumuveza kabi njengomuntu ohlasela abantu besifazane. UBrown uvule icala ngomhlaka-21 kuMasingana ka-2025 e-Los Angeles, ethi lolu hlelo luqamba amanga ngabesifazane ababemsola ngokuhlukumeza.

E-Thailand – I-Thailand izovumela abathandana nobulili obubodwa ukuthi bashade kusukela ngoLwesine, okwenza kube izwe lokuqala e-Southeast Asia ukwenza lokho. Abathandana nobulili obufanayo sebezoba namalungelo afanayo nawabanye abantu abashadile, okuhlanganisa ukuba nezingane( adoption) kanye nefa. UNdunankulu uPaetongtarn Shinawatra uthi lokhu kukhombisa ukuthi i-Thailand yamukela wonke umuntu. Cishe izithandani ezingu-200 zizoshada ndawonye e-Bangkok, futhi kuhlelwe imishado eyengeziwe kwamanye amadolobha.

I-USA – Inkampani ye-Tech i-OpenAI ijoyina i-Oracle kanye ne-SoftBank ukwakha izikhungo zamakhompuyutha ezintsha ze-artificial intelligence. Bazosebenzisa u-R1.9 trillion (US$100 billion) manje kanye no-R9.5 trillion (US$500 billion) eminyakeni emine. Lolu hlelo olubizwa nge-Stargate, luzodala amathuba emisebenzi angu-100 000. UMengameli Donald Trump uncome lolu hlelo e-White House. Izikhungo zizokwakhiwa e-Texas nakwezinye izindawo, kodwa abanye bakhathazeka ngokuthi bazodinga amandla angakanani kanye nomthelela wezinkampani zakwamanye amazwe.

Esithombeni esingenhla: U-Innocent James ephethe ubhaka oxhunywe ugesi welanga.

Umthombo: UNDP/X

Izihloko zakamuva