Izindaba ezifingqiwe: Kuboshwe izimbuzi ngokujaha abantu edolobheni

URorisang Modiba ubika izindaba zansuku zonke zomhlaba

E-Washington – Izimbuzi ezimbili zigcine zibhadla ejele ngemuva kokujaha abantu edolobheni laseMelika. Amaphoyisa ase-Kent, e-Washington, kudingeke ukuthi abambe izilwane ezibalekile ebezijaha abahamba ngezinyawo. Bathathe izilwane baziyisa endaweni yokukhosela izilwane ngesikhathi befuna umnikazi. “Asinaso isiqiniseko sokuthi ziqhamukaphi, kodwa zombili bezihaja abantu edolobhebi,” kuncokola amaphoyisa ezinkundleni zokuxhumana. “Don’t goat us wrong. Kuncokola amaphoyisa, akulungile ukuthi abantu noma izimbuzi zihlukumeze abantu.”

Egypt – Isikebhe sabavakashi sicwilile eduze kwase-Sataya Reef ngoMsombuluko ngomhlaka-25 kuLwezi, ngemuva kokuba amagagasi amakhulu asigingqe. Kushone abantu abane kwathi abayisikhombisa banyamalala, abangu-33 basinda kule nhlekelele. Isikebhe, i-Sea Story, sithwale izivakashi ezingu-31 kanye nabasebenzi abangu-13 ohambweni lapho isimo sezulu ebesisibi kakhulu sinamagagasi afinyelela kumamitha amane ukuphakama. Iningi labasindile libe nemihuzuko emincane futhi manje lisehhotela elise-Marsa Alam.

E-Uganda – Umholi weqembu eliphikisayo uKizza Besigye kubikwa ukuthi ubanjwe ngesikhathi kwethulwa incwadi e-Kenya wayiswa ejele lamasosha e-Kampala. Unkosikazi wakhe, uWinnie Byanyima, ophethe i-UNAIDS, uthi wathunjwa. Ufuna ukwazi ukuthi kungani umyeni wakhe, oyisakhamuzi esivame ukukhuluma kabi ngoMengameli uYoweri Museveni, esejele lezempi. Amaphoyisa ase-Uganda ayaphika ukuthi ukubona. I-Kenya ayishongo lutho ngaleli cala, yize ithumele amalungu angu-36 eqembu lezepolitiki e-Besigye ukuthi abuyele e-Uganda ngoNtulikazi ngamacala obushokobezi.

E-Lebanon – I-Israel kanye ne-Hezbollah bayeke ukulwa ngoLwesithathu ngomhlaka-26 kuLwezi, ngemuva kwezinyanga ezingu-13 belwa. Abanye abantu base-Lebanon babuyela emakhaya abo esouth, kodwa i-Israel ithi ezinye izindawo aziphephile. Ukumiswa kwezikhali kwenzeke ngemuva kokuba izinhlangothi zombili zihlaselana zodwa – iHezbollah yathumela ama-drones kwa-Israel, kwathi i-Israel yaqhumisa i-Beirut. Impi yaqala ngesikhathi i-Israel ihlasela i-Lebanon ezinyangeni ezimbili ezedlule ngemuva konyaka wokuhlasela kwamarokhethi e-Hezbollah. Lesi sivumelwano asiyithinti impi yakwa-Israyeli e-Gaza.

Esithombeni esingenhla: Izimbuzi.

Umthombo: Stock

Izihloko zakamuva