URorisang Modiba ubika izindaba zakamuva ezivela emhlabeni jikelele.
E-Los Angeles – Umlilo ovuthayo ohlasele indawo enkulu e-Los Angeles, e-California usucekele phansi nezindawo zokudlela ezidumile kanye nezindawo ezithandwa ngabalingisi bamafilimu. I-Moonshadows Malibu, indawo yokudla kwasolwandle lapho osaziwayo abaningi bebedlela khona icekelwe phansi umlilo ngomhlaka-8 kuMasingana. Amalangabi aphinde ashisa i-Rosenthal Wine Bar ku-Pacific Coast Highway. Intatheli yezindaba u-Arash Markazi wabelane ngezithombe ezikhombisa izakhiwo ngaphambi nangemuva komlilo. Abasebenzi bakule ndawo yokucima ukoma babonge abantu ngokubeseka. Babalelwa ku-180,000 abantu okuye kwadingeka babaleke emizini yabo, kwacekelwa phansi izinkulungwane zezakhiwo.
E-UK -I-Britain ibhekene nobusuku obubanda kunabo bonke kulobu busika, amazinga okushisa ehle aze afike ku-20°C ngoLwesihlanu ebusuku. Ihhovisi lesimo sezulu lixwayisa ngeqhwa ezindaweni eziningi, kuhlanganise ne-eastern yase-England, e-Scotland, e-Wales nase-Northern Ireland. Kulindeleke inkungu enkulu enkabeni ye-south-east England. Ochwepheshe besimo sezulu bathi kuzohlala kubanda kakhulu kuze kube uMgqibelo kodwa kusazobuhela emazingeni okushisa avamile asebusika cishe u-7–8°C ngoMsombuluko.
E-Mozambique – UVenancio Mondlane, ohola iqembu eliphikisayo e-Mozambique ubuyile ekucasheni ngoLwesine ngesikhathi amaphoyisa etholana phezulu nabalandeli bakhe ngaphandle kwesikhumulo sezindiza saseMaputo. UMondlane wabaleka ngoMfumfu ngemuva kokhetho olunodlame abaningi abathi lwalungiswa. Uhambe ngemuva kokuthi oshayasibhamu bebulale abaholi ababili beqembu lakhe. Amaphoyisa aqhumise isisi esikhalisa unyembezi ezixukwini avala nemigwaqo esikhumulweni baphinde badedela nendiza enophephela emhlane. Izinkulungwane zize ukuzokwamukela uMondlane, othi iqembu elibusayo i-Frelimo likokotele ukuze liwine. Bangaphezu kuka-100 abantu asebeshonile emibhikishweni kusukela ngoMfumfu, nokudale izinkinga ezinkulu ekubuseni kwe-Frelimo iminyaka engu-50.
E-USA – Ijaji liyalele umrepha uTory Lanez ukuba adlalele kude noMegan Thee Stallion iminyaka emihlanu ngemuva kwezinsolo zokuthi ubemhlukumeza esejele ngesikhathi edonsa iminyaka engu-10 ngokumdubula. Inkantolo yase-Los Angeles inqume ngoLwesine, yathi uLanez akakwazi ukuxhumana noma asondele eduze kukaMegan kuze kube umhlaka-9 kuMasingana ka-2030. UMegan (29), ukhale enkantolo, ethi uyesaba ukuthi uzophinde amdubule. Uphinde wathi ukhokhela abantu ukuthi basakaze amanga ngaye ku-inthanethi.
Esithombeni esingenhla: I-LA enezinkinga zomlilo.
Umthombo: X