URorisang Modiba ubika izindaba zansuku zonke enzenzeka emazweni.
E-Namibia – I-Namibia ilindele imiphumela yokhetho olubhekwe ngabomvu, njengoba iningi labantu abasha livotela ushintsho. Bakhungathekile ngenxa yokuntuleka kwemisebenzi, inkohlakalo nokungalingani ngemva kwamashumi eminyaka okubusa kwe-SWAPO. Uma ongenele ukhetho lwe-SWAPO, iPhini likaMongameli uNetumbo Nandi-Ndaitwah enqoba, uzoba uMengameli wesifazane wokuqala wase-Namibia. Umuntu ongenele ukhetho udinga amavoti angaphezu kuka-50% ukuze agweme umjikelezo wesibili wokuvota.
E-USA – UBeyoncé uyiphikile imibiko yokuthi uhlela uhambo lokuya e-UK ngo-2025. Okhulumela umculi, uYvette Noel-Schure, uthe ku-X abalandeli bazozwa nganoma yiziphi izinhlelo ngaye uBeyoncé ngqo. Amahemuhemu aqale ngemuva kwempumelelo yecwecwe lakhe elithi Cowboy Carter, elihlomule amaGrammy angu-11. Yize lungekho uhambo olumenyezelwe, uBeyoncé uzocula izingoma ezikwi-albhamu ngesikhathi sohlelo lukaKhisimusi lweNetflix.
E-China – Umshayi ngqimphothwe uZhang Kai, (39) ulimale kabi ngesikhathi ewa enza ingqimphothwe kasilika yasemoyeni. Indwangu kasilika abeyibambile ivele yadabuka, futhi wawela endaweni ephansi ngamamitha ambalwa phezu kukasimende. UZhang usesimeni esibucayi nokulimala ebusweni nemilenze ephukile kodwa akasekho engozini esongela ukuphila. Ukuwa kuza ngemuva konyaka unkosikazi wakhe, naye owayengumdlali wongqimphothwe, eshonile ngesenzo esifanayo.
E-Tanzania – I-Tanzania izilele uDkt Faustine Ndugulile, owayenguNgqongqoshe kanye nomqondisi wesifunda we-World Health Organisation e-Afrika. Ushonele eNdiya ngesikhathi elashwa. UDkt Ndugulile bekumele aqale umsebenzi wakhe omusha ngo-2025. UMengameli wase-Tanzania uSamia Suluhu Hassan kanye noDkt Tedros Ghebreyesus we-WHO bamncome ngokuthobeka kwakhe nomsebenzi wakhe wokuthuthukisa ukunakekelwa kwezempilo e-Afrika.
Esithombeni esingenhla: Abavoti bemi ulayini e-Namibia.
Umthombo: KAS Sub-Saharan Africa/X