Izindaba ezenzeka emhlabeni jikelele: Iningi labantu base-Brazil libonga u-Elon Musk

URorisang Modiba uletha izindaba ezenzeka nsuku zonke emhlabeni.

E-Brazil – Ukugadla kuka-Elon Musk kwiJaji u-Alexandre de Moraes ophethe amacala abhekene nowayenguMengameli wase-Brazil, uJair Bolsonaro, kumenze waba ngumuntu odumile phakathi kwabalandeli baBolsonaro. Muva nje iningi labantu bahlangane e-Rio ukuze basekele uBolsonaro futhi batuse uMusk. Babona uMusk ongumnikazi wenkundla yezokuxhumana (X) njengomvikeli kulokho abacabanga ukuthi izenzo eziphambene nomthethosisekelo zikaMoraes. Ijaji belivimba ama-akhawunti ezinkundla zokuxhumana futhi libopha abantu abaxhumene noBolsonaro.

E-New York – Umpetha we-chess wase-Nigeria uTunde Onakoya useqophe irekhodi kwi-chess ngemuva kokudlala i-chess amahora angu-60 e-Times Square, e-New York City. Ngesikhathi esalinde ukuqinisekiswa i-Guinness World Records, usebonakala njengeqhawe e-Nigeria. U-Onakoya uhlose ukuqongelela u-$1-million (R19-million) wenhlangano yakhe esiza abantulayo, i-Chess in Slums Africa, eyeseka imfundo yezingane ezihlala emijondolo ezwenikazi lonke. Weqa irekhodi langaphambilini lamahora angu-56 elabekwa ngo-2018.

E-Israel – UNdunankulu uBenjamin Netanyahu uthe i-Israel izoqinisa ukuhlasela kanye nengcindezi kwi-Hamas ukuze kukhululwe abantu abathunjiwe bakwa-Israel, naphezu kwezicelo zamazwe ngamazwe zokunciphisa ukuhlaselwa kwabantu futhi kuthunyelwe usizo olwengeziwe e-Gaza. Ngemuva komkhankaso omkhulu wezempi e-West Bank amasosha akwa-Israel athi abulale amaphekula ayishumi, kodwa izikhulu zase-Palestine zibike ukuthi kushone abangu-14, kuhlanganise nengane. Kwesinye isigameko umshayeli we-ambulensi ubulawe ngezibhamu ezivela kubahlali bakwa-Israel okuholele ekujezisweni okwengeziwe okuvela e-US nase-EU.

E-Nigeria – E-Lagos, amasosha ase-Nigeria asanda kumemezela ukuhlengwa kukaLydia Simon, ongomunye wamantombazane esikole e-Chibok ayethunjwe yiqembu lamaphekula i-Boko Haram eminyakeni eyishumi edlule. Utholwe e-northern Borno State nezingane zakhe ezintathu ngesikhathi kunomkhankaso wezempi. Njengamanje unezinyanga ezinhlanu ekhulelwe. Imininingwane yesikhathi esiqondile nezimo zokuhlenga ayizange idalulwe, kodwa kusanda kwenzeka. Lokhu kutakulwa kwengeza emantombazaneni angaphezu kuka-100 asekhululiwe kusukela athunjwa ngo-2014, nakuba engaphezu kuka-80 angaziwa.

E-China – Intsha yase-China igqoke ngamabomu izingubo zabo ezimbi kakhulu ukuze zisebenze njengophawu lokubhikisha. Bafika emsebenzini begqoke izikhindi zabo zokulala ezimbi kakhulu nezicathulo zokulala ezinoboya, baqonde ehhovisi bebhikishela abaphathi abane inhliziyo ezimbi, izimo zokusebenza ezingezinhle kanye neholo elincane. Amavidiyo abantu abagqoke kabi ezinkundleni zokuxhumana asabalale ngokushesha futhi asebukwe abantu abangaphezu kuka-140 million.

Isithombe esingenhla: Umbhikisho e-Brazil.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva