URorisang Modiba ukulethela amangqampungqampu ezindaba zanamuhla.
I-Russia – U-Olga Loiek, oneminyaka engu-21 ubudala, ongumfundi waseNyuvesi yase-Pennsylvania, uthole ukuthi isithombe sakhe nezwi lakhe kwakusetshenziswa ekuqambeni amanga ezinkundleni zokuxhumana zase-China. Ubuchwepheshe be-AI basetshenziselwa ukwenza amavidiyo angamanga lapho abonakale esekela i-Russia ngaphezu kwamasiko akhe ase-Ukraine futhi engakhulumi isi-Mandarin. Lawa mavidiyo abonise ukuthi usekela ubudlelwano base-Russia ne-China kuzo zonke izinkundla ezifana ne-Xiaohongshu ne-Bilibili. Inkampani eyenze lokhu, i-HeyGen, isole ukwephulwa kwezokuphepha ngalesi sigameko futhi isithathe izinyathelo zokuvimba noma yikuphi ukusetshenziswa kabi kwesithombe sakhe.
EMelika- Ukungaboni ngasolinye phakathi komrepha uKendrick Lamar noDrake sekudonse amehlo kakhulu ezinkundleni zokuxhumana. Ingoma kaKendrick Lamar ethi ‘Not Like Us’ ikhuluma kakhulu ngoDrake okuhlanganisa nokungaziphathi ngendlela efanele emantombazaneni amancane. Ikhishwe ngomhlaka-4 kuNhlaba, ingoma isisabalale kakhulu yaze yadlalwa nasemidlalweni ye-NBA futhi yafakwa kumasethi oDJ kuwo wonke amadolobha amakhulu. UDrake unezinsolo azibhekise kuKendrick okuhlanganisa nodlame lwasekhaya.
E-France – Isiboshwa uMohamed Amra, odume ngelika The Fly esaboshelwa ukugqekeza seqe esitokisini e-Normandy, e-France, ngesikhathi iqulu labesilisa abebehlomile lihlasela iveni yamaphoyisa ebimthutha ivela enkantolo. Lokhu kuhlasela kwenzeke e-toll booth e-Incarville esifundeni sase-Eure lokhu kuqalwe yimoto yakwa-Peugeot eshayise iveni. Abahlaseli abebephethe izibhamu ezinde bephelezelwa abebehamba nge-Audi bavulele ngenhlamvu kwashona amaphoyisa amabili angojele. Iziphathimandla zase-France, okuhlanganisa namasosha angu-200 angamalungu ebutho lezempi e-France, ethule umkhankaso wokuthungatha abasolwa, bamisa izimoto baphinde benze ngezinye izindlela ukuthola abasolwa.
EMelika- UMnyango Wezobulungiswa wase-US (DoJ) ucubungula izinyathelo zomthetho ngokumelene ne-Boeing ngokuphulwa kwesivumelwano sango-2021 esasivikela inkampani emacaleni obugebengu ahlobene nezingozi ezimbili ezibandakanya indiza yayo i-737 Max. Lezi zingozi zenzeka e-Indonesia ngo-2018 nase-Ethiopia ngo-2019 okwaholela ekufeni kwabantu abangu-346. I-DoJ isola i-Boeing ngokwehluleka ukugcina izinhlelo zokuziphatha ukuze kuvinjelwe ukukhwabanisa. Phezu kwalezi zinsolo, i-Boeing ithi ilandele imigomo yesivumelwano.
Isithombe esingenhla: Umfundi wase-Ukraine u-Olga Loiek.
Umthombo wesithombe: X