Izindaba ezenzeka emazweni: Izimvula ezinamandla zihlasele iDubai emva kweminyaka

URorisang Modiba ukulethela izindaba ezenzeka nsuku zonke emhlabeni jikelele.

EDubai – Izwe lase-United Arab Emirates (UAE) kubikwa ukuthi libe nemvula enamandla kakhulu selokhu kwagcina eminyakeni engu-75 edlule. Kube nezikhukhula ezinkulu, okuhlanganisa imigwaqo egcwele amanzi kanti nezindiza zihoxisiwe esikhumulweni sezindisa yase-Dubai International Airport. Owesilisa oneminyaka engu-70 ubudala ushonile ngemuva kokuthi amanzi anamandla akhukhule imoto yakhe e-Ras Al-Khaimah esifundeni sase-UAE. Imvula iqale ngoMsombuluko ebusuku kwathi ngoLwesibili ebusuku imizi eminingi yagcwala amanzi nezimoto zisale dengwane emigwaqweni.

ESierra Leone – UMengameli uJulius Maada Bio wase-Sierra Leone umemezele isimo esiphuthumayo kuzwelonke ngenxa yenkinga ekhulayo yesiphuzo esishibhile esaziwa nge-kush, okuyi-cocktail efakwe umthunzi wezinkukhu, ifentanyl, ne-tramadol futhi iyingozi kakhulu. Siyamataniswa nokushona kwabantu abaningi kanye nezinkinga zengqondo kusukela savela kuleli cishe eminyakeni emine edlule. Azikho izibalo zokuthi bangaki asebeshonile kodwa lesi siphuzo sishibhile nokwenza sidume entsheni engasebenzi ezindaweni ezikhungethwe ububha.

EGaza – Kushone okungenani abantu abangu-13, okukhona kubo nezingane eziyisikhombisa, kwalimala abangaphezu kuka-25 kwikhempu yase-Al-Maghazi enkabeni yase-Gaza ngoLwesibili, ngokubika kweziphathimandla zesibhedlela i-Al-Aqsa Martyrs Hospital. Izithombe ezivela ku-CNN zithathwe ozibonele ngawakhe uNihad Owdetallah, zikhombisa abantu abasesimweni sokwethuka, bememeza, kunezidumbu ngisho nezezingane ebezilele phansi.

E-USA – IWorld AI Creator Awards yethule uMiss AI, umncintiswano wokuqala wonobuhle nabagqugquzeli e-AI. Abaqhudelanayo bazohlolwa ngokubukeka kwabo, ikhwalithi, ukuba osaziwayo ezinkundleni zokuxhumana, nekhono lobuchwepheshe. Lo mncintiswano ovulwe ukuthi abantu bawungenele ku-inthanethi ngeSonto eledlule, uhlose ukuhlanganisa onobuhle bendabuko nobuchwepheshe be-AI. Ophumelele uMiss AI uzothola umklomelo wemali ongu-$5,000 (R95,000).

E-Ukraine – Iqhinga lokusebenzisa isigayo senyama (meat grinder) esetshenziswa i-Russia empini ne-Ukraine isikhuphule isibalo sabashonile. Asengu-50 000 amasosha aseRussia aseshonile. Leli nani liphakeme ngokuphindwe izikhathi eziyisishiyagalombili kunezinombolo ezinikezwe i-Moscow.

ECalifornia – Ukuthengiswa kwama-Apple iPhone kwehle ngo-10% kwikota edlule, okudalwe iChina efulathele umkhiqizo waseMelika. Ubuzwe, umnotho ongemuhle kanye nokuncintisana okwandayo e-China kulimaze ukudayizwa kwama-Apple Iphone ezinyangeni ezimbalwa ezedlule. I-Apple yaphuca umqhele ISamsung ngonyaka odlule, kodwa iSamsung isithathe indawo yayo phezulu ngemuva kwekota lokuqala kulonyaka.

Isithombe esingenhla: Umgwaqo ogcwele amanzi eDubai.

Umthombo wesithombe:

Izihloko zakamuva