Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Abezicishamlilo baseKapa basize ukubelethisa owesifazane esiteshini sabo.
Laba bobabili abacabange ngokushesha basize ukubelethisa ingane yomfana ephile saka besebenzisa imiyalelo yocingo evela yababhekelela izimo eziphuthumayo.
Abezicishamlilo ababili babe amaqhawe kungalindelekile ngesikhathi besiza ukuteta kowesifazane eMfuleni Fire Station eKapa.
Indaba iqale ngesikhathi owesifazane okhulelwe engena esiteshini esezinhlungwini sekufike isikhathi sokubeletha.
U-JP Smith woMnyango wezokuPhepha kuleli dolobha uthe abezicishamlilo bekumele bacabange ngokushesha.
“Bagxume babiza abezimo eziphuthumayo base-Macassar Fire Station, kodwa ingane ibibiseduze, abezicishamlilo ababili baqale ukusiza umama abelethe ingane ngesikhathi bethola imiyalelo yocingo kwabe-Ambulensi Emergency Assistance,” kusho uSmith.
Ngemva kwemizuzu, kwafika ingane yomfana ephile saka. Abazicishamlilo baze bakwazi ukunqamula inkaba.
Umama omusha kanye nengane yakhe babe sebeyiswa eSikhungweni Sezempilo Somphakathi sase-Site C eKhayelitsha.
“Ngifisa ukuhalalisela umama nosanda kufika emndenini wakhe, futhi ngifuna ukuhalalisela abezicishamlilo zethu ngokucabanga ngokushesha nokusebenzisa amakhono abo ukusiza ukwamukela usana emhlabeni,” kusho uSmith.
ULulama Ndibongo (39) wakule ndawo uncome abezicishamlilo ngomsebenzi omuhle abawenzile.
“Lezi yizindaba esifuna ukuzifunda anginankinga ngokufunda lezi zindaba inyanga yonke. Selokhu kuqale unyaka sifunda ngezindaba ezidabukisayo,” kusho uNdibongo.
Umangele ngendlela abezicishamlilo abakwazi ngayo ukubelethisa ingane belandela imiyalelo yocingo nje kuphela.
“Bahlakaniphile ibingekho indlela yokuthi bengizokwazi ukwenza abakwenzile. Ukuzola kuleso simo nokuthatha imiyalelo ocingweni ngesikhathi umama ozoba ngumama esathukile kukhombisa ukuthi bawulungele kangakanani umsebenzi. Ngijabule ngokuthi babelethise owesifazane ngempumelelo,” kusho uNdibongo.
Wancokola wathi ingane kufanele ithole isiteketiso esikhethekile.
“Ngiyethemba umama omusha uyayibona indaba, igama lesibili lengane Firefighter,” kusho uNdibongo.
Esithombeni esingenhla: Owezicishamlilo uJoswin Lameyer ubelethe usana nozakwabo esiteshini sezicishamlilo eMfuleni ngemuva kokufika kukamama ekhala ngezinhlungu.
Umthombo: Sithunyelwe