Izimpahla zenkampani kaSomizi zizodayiswa ngemuva kokuthi ehluleke ukukhokhela abasebenzi

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Inkampani kaSomizi Mhlongo ikweleta u-R165,402 womholo wabasebenzi, kanti i-CCMA isitshele inkantolo ukuthi izidayise izimpahla zayo.

Abasebenzi bathi baxoshwa ngaphandle kwesixwayiso ngoMbasa futhi abakaze bakhokhelwe yize i-CCMA ivune bona.

IKhomishana ye-Conciliation,Mediation and Arbitration, iyalele inkantolo ukuthi ishaqe futhi idayise impahla yenkampani ephethwe ngusaziwayo kanye nejaji lama-Idols, uSomizi Mhlongo.

Lo myalelo uza ngemuva kokuthi inkampani, i-Search Light (Pty) Ltd, ihlulekile ukukhokhela abasebenzi bayo imali engaphezu kuka-R165 000.

USomizi nozakwabo kwezamabhizinisi uLindo Maleho basohlwini lwabaqondisi benkampani yokuhlanza, eyayinabasebenzi abasebenza kwa-Transnet e-Carlton Centre.

Ngokusho komunye wabasebenzi bakudala baxoshwa isigubhukane ngoMbasa bengachazelwanga lutho. “Sisanda kuphelelwa yimisebenzi kungazelelwe,” kusho isisebenzi, kubika i-Sunday World. “Sibe sesidlulisela udaba kwa-CCMA banquma ukuthi kumele sikhokhelwe uMbasa, uNhlaba noNhlangulana.”

Kodwa ngisho nangemva kwesinqumo, imali ayizange ikhokhwe.

I-CCMA yabe isikhipha incwadi ngomhlaka-23 kuNhlangulana, inika usherifu imvume yokuthatha izimpahla enkampanini azidayise endalini yomphakathi ukuze kuqoqwe imali ekweletwayo.

Umyalelo osemthethweni wakwa-CCMA uthi: “Ungathatha izimpahla zenkampani uzidayise ukuze uthole u-R165,402.62 kanye nenzalo. Le mali kufanele inikezwe umsebenzi.”

UThabiso Putswe we-Hetelicca Trade Union uthe: “USomizi nozakwabo baphule inkontileka ababenayo nabasebenzi, siyajabula ukuthi kwenziwa ubulungiswa.”

I-CCMA isaphenya icala lokuxoshwa ngokungafanele.

USomizi, uMaleho nabammeli babo abakaziphenduli izicelo zokuthi baphawule.

Esithombeni esingenhla: USomizi.

Umthombo wesithombe: @somizi

Izihloko zakamuva