Everson Luhanga
Le mijondolo ibinuka inyama ebolile, kanti namakamelo ayo amancane ebefakwe ukudla phezulu ophahleni, bekungathi izitolo zokudla.
Ibhasi eligcwele amasosha oMbutho Wezokuvikela Kazwelonke waseNingizimu Afrika lifike e-Pan Africa Mall yase-Alex ngabo-9 ekuseni ukuzojoyina amaphoyisa kanye nomphakathi.
UNgqongqoshe Wezobulungiswa Nokuhlunyeleliswa Kwezimilo uRonald Lamola noNgqongqoshe Wezokuphepha Komphakathi e-Gauteng uFaith Mazibuko bathathe uhambo lokuzulazula kule nxanxathela yezitolo beyobheka umonakalo.
UNgqongqoshe uLamola uchaze lezi zidubedube njengokucekela phansi umnotho, ngemuva kokuthi inqwaba yamabhizinisi acekelwe phansi.
Wabe usuqala umsebenzi wangempela, abahlali bakule ndawo bajoyina amalungu ezomthetho, okuholele emikhukhwini eminingi okusolwa ukuthi iphethe izimpahla eziphangiwe.
Amaphoyisa athole izinhlobo ezahlukene zezinto ezindlini. Bekunenyama ngaphansi kombhede, izinto zokwakha phezu kwezindlu. Komunye umjondolo, isiklabhu esiphelele esiqandisini, ngemilenze yaso isiphumele emnyango okwenze ukuthi ungavaleki.
Izinqola zezitolo ezahlukene bezisakazeke emaphaseji amnyama futhi amancane.
Ikhansela lesigceme u-Adolf Marema, obezama ukuthi abantu baziqhelelanise nemibhikisho enodlame, uthe ubengakaze acabange ukuthi kungaba nezimpahla eziningi kangaka ezebiwe esakhiweni esisodwa nje esinemijondolo eminingi.
“Lokhu akukholakali. Angazi ukuthi abantu bazolulama kanjani kulokhu. Lesi yisiqalo sobunzima bangempela,” kusho uMarema.
Ngesikhathi amaphoyisa ethungatha, abahlali bebemi bebuka bengale komncele obekwe ngamaphoyisa.
Labo abatholakale nempahla ezindlini zabo baphathiswe lokho abakwebile bekusa elolini lamaphoyisa. Isiteshi samaphoyisa sase-Alexandra besinamaloli alayishe ukudla nezinye izimpahla abakwazile ukuzithola.