Izimoto zikanokusho ziholele ekutholweni kwemali engumbombayi

Karabo Rammutla

Uhide lwezimoto zikanokusho ebeziphuma ePitoli zidonse amehlo amaphoyisa endawo. Lokhu kugcine kuholele ekutheni bathole imali engu-R3.5 million yomgunyathi kanye nabasolwa abahlanu abasolwa ngokukhwabanisa.

Kuphenduke amakhanda abantu emgwaqeni wase-Tshwane ngomgqibelo ngesikhathi kudlula i-Range Rover ebomvu, izimoto ezimbili zakwa-Mercedes-Benz kanye ne-Toyota Corolla. Ibhadi ukuthi ukubukisa kwabo kudonse amaphoyisa kaMasipala wase-Tshwane.

Amaphoyisa abe eselandela lezi zimoto azithela phezu kwemali engumbombayi eyikhulu lamarandi  ngesikhathi ethungatha i-Range Rover.

Kuvele ukuthi igama lomunye wabashayeli belihambisana nelomuntu obefunwa ngamaphoyisa ngecala lokushushumbisa imali.

Okhulumela amaphoyisa kaMasipala u-Isaac Mahamba uthe ngesikhathi amaphoyisa ephonsa imibuzo ngomunye wabashayeli ayiswe ekhelini eliku-Stanza Bopape Street.

Emagcekeni uMahamba uthe kutholwe ibhokisi lensimbi elinemali engumbombayi kanye namakhemikhali asetshenziswa ukuhlanza le mali.

“Imali engumbombayi etholakele ingaphezulu kuka-R3.5 million kanti abasolwa baboshwe ngokushesha.”

Amaphoyisa abophe abasolwa abahlanu sebebonke.

Ukutholakala kwale mali engumbombayi akuzange kubamangaze omakhelwane abathe abasolwa bebephila impilo yobukhazikhazi kodwa bebonakala bengayi emsebenzini.

Omunye umakhelwane okhulume ne-Scrolla.Africa ocele ikuthi sigodle igama lakhe uthe noma bebebukeka sengathi abasebenzi, kodwa ibona abebenemali kakhulu kuleli fulethi lethu.

Izihloko zakamuva