Izimeya ezimbili zibhekene nesiphakamiso sokungathenjwa 

Lubhalwe nguLungani Zungu

IMeya ye-DA eGoli uMpho Phalatse uzobhekana nesiphakamiso esisha sokungathenjwa ngoLwesine kanti uzakwabo we-ANC eThekwini uMxolisi Kaunda naye uzobhekana nesimo esifanayo ngoLwesibili.

Isiphakamiso sokugcina esiphikisana noPhalatse sethulwa ngoLwezi, kodwa amaqembu aphikisayo emkhandlwini waseGoli – okuhlanganisa ne-ANC – abhodla umlilo genxa yokushabalala kwezingxoxo ezinkambeni zawo.

Ngaleso sikhathi lowo owayeyiMeya ye-ANC eGoli, uDada Morero wenza ihlaya wathi bafuna uPhalatse abe nesizini “emnandi” yamaholide. Angakushongo ukuthi izingxoxo zabo zimile njengoba amaqembu amancane abhidlika nokuthi kunezinkinga phakathi kwe-ANC ne-EFF.

Lokhu kwenzeka ngemuva kokuthi i-ANC ijikele i-EFF Ekurhuleni ngesikhathi kuvotelwa imeya entsha ngemuva kokususwa kukaTania Campbell we-DA ngesiphakamiso sokungamethembi ngoMfumfu.

UCampbell waphinde wabamba izintambo zobuholi bakhe ngoLwezi ngemuva kokuthi i-ANC iqoke uJongizizwe Dlabathi esikhundleni sokweseka uNkululeko Dunga we-EFF njengoba amaqembu ayevumelene ngalokho ngaphambilini.

Kodwa-ke, kubukeka sengathi la maqembu asezilungisile izinkinga ngemuva kokungenelela kwabaholi abaphezulu bezinhlangothi zombili.

Lokhu kusebenzisana kungase kube isiphetho sikaPhalatse ngoLwesine uma kulalelwa isiphakamiso.

UPhalatse ubonakala engathukile futhi utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uzoba nesithangami nabezindaba ngoLwesine ekuseni.

Uzobe echazela izakhamizi zaseGoli ezingaphezu kwezigidi eziyisithupha ngezinhlelo esezibekiwe zokulwa nokucishwa kukagesi.

“Ukulungiswa nokwakhiwa kabusha kweGoli kubaluleke kakhulu ukuthi kungaphazanyiswa osomathuba bezombusazwe abanqatshwa ebhokisini lokuvota,” kusho uPhalatse.

Kuzobonakala ukuthi uPhalatse uzobambelela yini emsebenzini wakhe wokuba imeya kwisizinda somnotho wezwe esinesabelomali sika-R77 billion noma uzokhishwa.

UPhalatse wasuswa ngesiphakamiso sokungethenjwa kwakhe ngoMandulo nyakenye, kodwa walwa nokususwa kwakhe enkantolo.

INkantolo eNkulu yaseGoli yanquma ukuthi ukususwa kwakhe akukho emthethweni yabe isikhipha umyalelo wokuthi abuyiselwe esikhundleni.

NgoMfumfu, uPhalatse waphinde wabuyela esikhundleni sakhe sokuba imeya.

Khonamanjalo, isiphakamiso sokungathenjwa kweMeya ye-ANC eThekwini uMnu Mxolisi Kaunda sifakwe ngamakhansela amabili u-Imtiaz Syed noMohammed Ismail be-Active Citizens Coalition.

UKaunda uke wabhekana nezinkinga zokugxekwa ngesimo esibi samabhishi aseThekwini.

Uke waba odabeni lwesabelomali sika-R55 billion sikamasipala kusukela ngo-2019 ngesikhathi ethatha izintambo kowayeyiMeya uZandile Gumede.

Manje usesebenza ngesihe samaqembu amancane aphikisayo aseka i-ANC ngesikhathi leli qembu lehluleka ukuthola amavoti amaningi eThekwini ngesikhathi sokhetho lwango-2021 okokuqala ngqa kusukela ngo-1994.

Esithombeni esingenhla: UMpho Phalatse

Umthombo wesithombe: Facebook

Izihloko zakamuva