Izilwane zibuyiselwa e-Tanzania zisuka e-Russia

Arthur Greene

Idlanzana labantu bame egcekeni elineqhwa edolobheni lase-Russia i-Chelyabinsk, amehlo abo egcwele izinyembezi njengoba bebevalelisa  emakhejini amabili amakhulu ensimbi.

Amavolontiya avalelisa kuSimba ibhubesi no-Eva ingwe.

Lezi silwane bazihlenga kubanikazi bazo ababezihlukumeza, bazibuyisa onqenqemeni lokufa, baziphindisela e-Tanzania lapho zizokhululwa khona.

Izithombe ezishicilelwe i-Associated Press zikhombisa uSimba ngoNdasa. Uyingane nje, kodwa akukho nokuncane ukudlala ayekuthola nokukhululeka.

Akanabo uboya obuningi emzimbeni, futhi lapho engekho khona impandla, uboya bakhe buhlangahlangene futhi bumbalwa.

Imilenze yakhe iphulwe abanikazi  ababemhlukumeza ukuze angakwazi ukubaleka.

NgoNcwaba, uSimba akasabonakali njengesilwane afika eyiso. Akagcinanga ngokuphindeka kathathu ngosayizi wakhula ngendlela ehlaba umxhwele, futhi asikho nesibazi esisodwa esibonakalayo emzimbeni wakhe.

Ugcwele amandla, ngokudlala ulandelela iminwe yomunye wabahlengi bakhe njengoba exoxa naye ngothando engaphandle kwekheji lakhe.

“Impela udlule esihogweni, kodwa  samsindisa nathi lapha,” kusho uDavid Dallakyan, ivolontiya endaweni yokukhosela izilwane i-Save Me.

USimba, kanye no-Eva, bayingxenye yeqembu lokuqala lezilwane ezibuyiselwa e-Tanzania zisuka e-Russia.

Video source: Youtube

Izihloko zakamuva