Izilomo zijikelwe ngabalandeli bazo

Razeen Gutta

Abalandeli bagxeke abadlali abafana noLionel Messi noNeymar ngesikhathi bengena enkundleni e-Parc des Princes ngeSonto ntambama ngemuva kokuphuma kompetha base-France kwi-Champions League.

Umdlali wase-France uMbappe, okunenkulumo ngokufudukela kwi-Real Madrid ehlobo, usinde kwabathembekile base-Paris ngesikhathi ebeka iqembu lakhe phambili zisasuka.

Iqembu lonke, nokho, alibanga nenhlanhla kangako, njengoba uMessi noNeymar bebhekane yokuhluthuka kwaphakathi nesonto.

La badlali ababili babegxekwa njalo uma bethinta ibhola futhi izihlwele bezijabula uma behluleka ukushaya igoli. Ngesikhathi uNeymar eshaya igoli, abalandeli bavele bathula kwangaba nenjabulo.

UMessi ujwayele ukujatshulelwa – ngisho nokukhonzwa – ngabalandeli basekhaya nabangaphandle. Kodwa akakaze ajabulelwe ngabalandeli bakhe.

Obambele uJulian Draxler ungene esikhundleni sikaGini Wijnaldum emizuzwini embalwa yokugcina, njengoba la badlali ababili baphinde babhekana nolaka lwabalandeli abathukuthele ngesikhathi kwenziwa ushintsho.

Izinto zibukeka ziba zimbi kakhulu ngemuva kokuthi elinye ithuba lesicoco se-Champions League lidlule ompetha base-France.

UMengameli we-PSG, uNasser Al-Khelaifi, ohola kakhulu emhlabeni, kubikwa ukuthi ugasele egumbini lokushintsha likanompempe ngemuva kokuhlulwa ngoLwesithathu ebusuku.

Ngokombiko we-ESPN, u-Al-Khelaifi “uziphathe kabi wazama ukungena egumbini lokushintsha likanompempe. Ngesikhathi unompempe ebacela ukuthi bahambe, ushaye ucezu lwempahla yomsizi kanompempe, wayiphula,” kufundeka umbiko.

Iqembu labalandeli be-PSG i-Collectif Ultras Paris likhiphe isitatimende ngaphambi komdlalo wanamuhla lifuna abalandeli bethathe izinyathelo.

“I-Paris Saint-Germain yethu ifanelwe ngabantu abayisebenzelayo, hhayi abantu abakhonzwa yiyo. Uma sesibhekene ne-Bordeaux ngeSonto, sizokhombisa ukungajabuli kwethu futhi sicela wonke umuntu othanda leli qembu, ozobe ekhona, ukuthi ahlanganyele kanye nathi kulesi senzo sethu esingenalo udlame,” kufundeka isitatimende ku-Twitter.

I-PSG ngokulandelayo izobhekana ne-Monaco kwi-Ligue 1, umjaho oqinile wesicoco njengoba ibheke ukunweba ukuhola kwayo ngamaphuzu ayi-15 phezulu etafuleni.

Umthombo wesithombe: @ESPNFC

Izihloko zakamuva