Lubhalwe nguSihle Mavuso
Zingaphezu kuka-2 000 izikole ezihlwempu emalokishini nasezindaweni zasemakhaya KwaZulu-Natal ezibhekene nenselelo enkulu ngemuva kokuthi uMnyango wezeMfundo kulesi sifundazwe uhlulekile ukuzinika imali yokulungiselela izivivinyo.
Imali “yezinsiza nezidingo” inikezwa izikole eziwela emkhakheni ongakhokhisi ukuze zibhekelele izinto zokufunda ezifana namaphepha okuphrinta no-inki, kanye nokukhokhela abahlinzeki bezinsizakalo.
Isikole ngasinye sithola imali ngokwesibalo sabafundi esibabhalisile. Izimali zikhishwa ngokwezigaba; ingxenye enkulu ikhokhwa ngoNtulikazi ngemuva nje kokuqala konyaka wezimali kahulumeni wesifundazwe. Izikole kufanele zilethe izitatimende zezimali ezihloliwe ngaphambi kokuthola imali.
Kodwa-ke, kulo nyaka ezinyangeni ezimbili zonyaka wezimali ka-2023-24, izikole azikayitholi imali, okuphazamisa ithuba lokulungiselela izivivinyo zamanje kanye nezokuphela konyaka esikhathini esingamasonto ambalwa.
Ngokusho kukathishanhloko wesifunda iLembe zingu-85 izikole ezingakakhokhelwa imali.
“Umnyango awusho lutho kothishanhloko ngale mali, kodwa izivivinyo seziseduze nezikole kumele zizilungiselele. Uma izikole zingayitholi le mali, ngiyangabaza ukuthi izivivinyo zizoqhubeka ngendlela,” kusho uthishanhloko etshela i-Scrolla.Africa.
Akushilo kuqinisekiswe ozakwabo esifundeni saseThekwini naseMkhanyakude.
“Kuyiqiniso ukuthi asikayitholi imali. Ngokujwayelekile zonke izikole ezingakhokhisi ziyithola ngoNtulikazi kodwa kulokhu ayikho imali evela emnyangweni,” kusho uthishanhloko ongaphansi kwesifunda iTheku.
Imizamo ephindaphindiwe yokuthola ukuphawula kokhulumela uMnyango wezeMfundo, uMnuz Muzi Mahlambi, ibhuntshile. Izingcingo ubengazibambi futhi nemiyalezo athunyelelwe yona ubengayiphenduli.
Okhulumela i-DA kwezemfundo esiShayamthetho sesifundazwe, uMnuz Sakhile Mngadi, uthe i-Portfolio Committee on Education ibingakachazelwa ngalolu daba.
Uthe umnyango ukhulume nje ngokuncishiswa kwesabelomali kodwa awucacisanga ukuthi yiziphi izinsiza ezizothinteka noma ezizoncishiswa.
Esithombeni ngenhla: Umnyango oholwa nguMphathiswa uSipho Hlomuka awukayikhokhi imali ezikoleni ezihlwempu.
Umthombo: Uthunyelwe