Izikole zaseKurhuleni seziphenduke imihhume yabaphangi

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Izikole zaKwa-Thema Ekurhuleni seziphenduke izinkundla zokudlala izigebengu njengoba amasela ezitapela noma iyiphi impahla eyigugu ayibonayo.

Isikole samabanga aphansi iSechaba Primary School naso sigqekeziwe. Ezinyangeni ezimbili ezidlule, balahlekelwe yikho konke okubalwa izintambo zikagesi, ifenisha, amapayipi ensimbi, izinto zasendlini zangasese nezihlalo zangasese.

Bantshontshe nephepha langasese kanye ne-grub ehloselwe izinhlelo zokuphakela izingane ezikoleni.

Ngempelasonto izakhamuzi ziphihlize uthango lwesikole zantshontsha ithangi lamanzi. Abagcinanga lapho, bathathe amapulangwe namathayi ebesendaweni yokuzivocavoca ka-Grade R.

Uthishanhloko uPearl More uveze isithombe esibi ku-Scrolla.Africa, uthe ukugqekeza sekuyinjwayelo ezigebengwini .

“Lesi sikole sineminyaka engu-58. Sidinga ukulungiswa kodwa zonke izinhlelo esizethulayo zicekelwa phansi yizigebengu,” esho.

“Sithola isabelomali sika-R54 000 ngonyaka ukuthuthukisa ingqalasizinda kodwa kumele sisebenzise imali ukulungisa umonakalo.”

Onogada baqapha emini kuphela. Abaqaphi bomphakathi bayawabalekela amashifu asebusuku.

“Sinezokuphepha ezizimele, i-ADT nama-alamu asixwayisa uma kukhona ukugqekezwa kodwa izigebengu zisangena emagcekeni,” kwengeza uMore.

Umqondisi wesifunda sase-Ekurhuleni East, uMnuz Sonikazi Chabalala unikine ikhanda ngalesi sigameko. “Kubuhlungu ukucekelwa phansi kwezikole zethu. Yize sizama ukuthuthukisa izinsiza zesikole, izigebengu zisaqhubeka nokuntshontsha zonke izinto ezibalulekile,” kusho yena.

“Izigebengu ziyaziwa umphakathi kodwa uthenga izimpahla ezebiwe bese uyehluleka ukuyobika emaphoyiseni.

UChabalala uthe badinga ukwesekwa umphakathi, izithangami zamaphoyisa omphakathi, nezinhlangano zokuphepha ukuze zisize ekuvikeleni izikole.

Esithombeni esingenhla: Isikole samabanga aphansi iSechaba esesiphenduke inkundla yokudlala izigebengu

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva