Izikole zaseKapa azivaliwe ngenxa yesimo sezulu

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

UMnyango wezeMfundo eWestern Cape usucele imiphakathi ukuthi iyeke ukusabalalisa izindaba ezingelona iqiniso ngemuva kokuthi izindaba ezisabalele ezinkundleni zokuxhumana zivimbela abafundi abaningi ukuthi baye esikoleni ngosuku lokuvulwa kwethemu entsha.

Lezi zindaba zithi zonke izikole esifundazweni zivaliwe ngenxa yemvula enamandla.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni, uBronagh Hammond uthe izexwayiso zeSouth African Weather Service azisho ukuthi izikole kumele zivalwe futhi unxuse imiphakathi ukuthi iyeke ukusabalalisa imininingwane engamanga ezinkundleni zokuxhumana.

Izikole ezinhlanu kuphela kwezingu-1,550 ezivaliwe ngenxa yezikhukhula ezenza kungafinyeleleki kuzo noma ngenxa yokulimala kwezakhiwo.

“Bekumanzi futhi kumakhaza njengoba izikole zivuliwe ezikoleni zethu eziningi, ngaphandle kwezikole ezinhlanu ezivalwe ngokusemthethweni,” kusho uHammond.

“Abazali kufanele basebenzise imniningwane efanele ngokuvakashela ikhasi lezindaba [lomnyango wezemfundo] ukuze bathole izintsha njalo,” kusho uHammond.

UNosiphiwo Mqulwana (39) akazihambisanga izingane zakhe esikoleni ngemuva kokubona lo mbhalo ongelona iqiniso ezinkundleni zokuxhumana.

“Ngizizwa ngiyisiphukuphuku ngokukholelwa okushiwo ezinkundleni zokuxhumana. Ngikholelwe emibhalweni ngase ngitshela izingane zami ukuthi zilale. Bekumele ngixhumane nesikole ukuze ngiqinisekise lezi zindaba,” kusho uMqulwana.

Isithombeni esingenhla: Isimo sezulu esibi eKapa.

Umthombo: X

Izihloko zakamuva