Lubhalwe nguTladi Moloi
Umasipala wase-Free State i-Maluti-a-Phofung no-Eskom bayasolana ekubeni ingxenye enkulu yase-Qwaqwa isiqede inyanga yonke ingenawo ugesi.
Imiphakathi yase-Clubview, e-Mphatlalatsane, e-Phuthaditjhaba, e-Super, e-Naledi Mall, e-Thaka Bafutsana kanye nezindawo zezimboni yokuqala, eyesibili kanye neyesithathu lokhu zacishelwa ugesi kusukela ngeSonto ngomhlaka-18 kuLwezi kulo nyaka.
Ugesi unqanyulwe ngemuva kwephutha elenzeke esiteshini sikagesi sakwa-Eskom ngaseNyuvesi yase-Free State.
Umphakathi ususebenzisa ezinye ezinto eziwumthombo wamandla ezifana negesi, upharafini kanye namalahle ukukhanyisa nokufudumeza imiphakathi yawo.
Akukho lapho u-Eskom aveza khona ukuthi ugesi uzobuyiswa nini. Esikhundleni sokulungisa le nkinga inkampani ephehla ugesi ithi lolu daba alukaze lubikwe.
Abakwa-Eskom bathi umasipala ubungakakhulumi nabo mayelana nokunqamuka kukagesi. UMnu Titi Makhetha wakwa-Eskom ongumphathi wezokuXhumana nababambe iqhaza – kwi-Central East Cluster, uthe “u-Eskom ulinde umasipala ukuthi ubambe iqhaza ekubuyiseleni ukuhlinzekwa kwezidingo.”
Khonamanjalo, umasipala uthi ulubikile lolu daba wengeza ngokuthi awunawo amandla eziteshini zikagesi zakwa-Eskom.
NgoLwesibili umasipala ufake isaziso ekhasini lawo le-facebook esifundeka kanje: “Isiteshi sakwa-Eskom i-Hid SOC Ltd eduze kwaseNyuvesi yase-Free State ophikweni lwase-Qwaqwa siyalungiswa. Lokhu kuphazamisa ukuphakelwa kukagesi ezindaweni ezilandelayo. Asikayitholi inkomba yesikhathi evela kwa-Eskom mayelana nokubuyiswa kukagesi. Sizobuyekeza ngokushesha uma sithola noma yiluphi ulwazi.”
UMakhetha usichithile isitatimende sikamasipala wathi singamanga: “Sengikufundile enikuthumele futhi akulona iqiniso. Asisebenzi lapho,” esho.
UMnu Thabo Kessah obhekelele ezokuxhumana kumasipala, uthe bamangele ukuthola ukuthi u-Eskom awuwulungisi umonakalo. Uthe bayile kwa-Eskom beyocela usizo.
“Umphathi wethu ukhulumile nalabo bantu bathi balinde umyalelo ovela e-New Germany, ngakho ngiyamangala. Sesike sabanika imininingwane ngaleyo ngxenye abebeyifuna. Ochwepheshe bethu abavumelekile ukungena kuleso siteshi sikagesi,” esho.
Ngesikhathi lezi zikhungo ezimbili zibekana amabala, amakhulu amalungu omphakathi awakwazi ukukhanyisa amakhaya awo noma ukupheka ukudla okushisayo.
Isakhamuzi uMammoko Tsotetsi wase-Matsikeng uthe uyazabalaza ukusebenza ngaphandle kukagesi.
Asazi ukuthi kufanele senzenjani ngalo masipala, abasihloniphi. Ukudla okuseziqandisini zethu kubolile futhi abasasicabangeli. Manje sekumele siyothenga igesi noma upharafini ukuze sithole amanzi afudumele nokuthi sipheke,” esho.
Esithombeni esingenhla: Isiteshi sikagesi sakwa-Eskom esiseduze neNyuvesi yase-Free State, ekhempasini yase-Qwaqwa
Umthombo wesithombe: Tladi Moloi