Arthur Greene
UNdunankulu wase-UK uBoris Johnson, unkosikazi wakhe uCarrie Symonds kanye noNgqongqoshe wezeziMali uRishi Sunak bonke bahlawuliswe ngamaphoyisa kaMasipala ngokuya emicimbini ngesikathaqa.
Uhulumeni wase-UK uzobhekana nemibuzo enzima ngobuholi bakhe ngemuva kokuthi uJohnson noSunak betholakale bephule imithetho iqembu labo ebeliyibekile ngenhloso yokunqanda ukubhebhetheka kobhubhane.
Kukholakala ukuthi bangondunankulu kanye namashansela okuqala ukwephula umthetho ngesikhathi bephethe.
UJohnson uke wabhekana nezicelo zokuthi asule esikhundleni kusukela ngoLwezi ngo-2021 ngokuthi kwavela ukuthi uhulumeni wakhe usungatha imicimbi efinyelela kwengu-15 ngesikhathi izwe lonke liyalelwa ukuthi lingahlangani.
Lezi zicelo zishube ekuqaleni kwalo nyaka ngesikhathi kuvela ukuthi uJohnson ubehambele okungenani imicimbi emibili ngokwakhe, ngemuva kokudukisa iphalamende ngokufunga ukuthi kulandelwe imithetho yomvalelo zikhathi zonke.
UJohnson noSymonds bathwetshulwa bexoxa nabanye abasebenzi okungenani abangu-17 emcimbini “wewayini noshizi” ngomhlaka-15 kuNhlaba ngo-2020 – ngesikhathi igagasi lokuqala lalolu bhubhane lubhubhisa kakhulu.
Ngemuva kwenyanga nje, uSymonds wenzela uJohnson umcimbi wosuku lokuzalwa efulethini labo kanti lo mcimbi wawuhanjelwe okungenani izivakashi ezingu-30.
Eminye imicimbi ibihlanganisa “utshwala” iziphuzo ezazibekelwe isikhulu ngosuku olwandulela umngcwabo weNkosana uPhilip ngomhlaka-17 kuMbasa ngo-2021. Imithetho yomvalelo yayisho ukuthi iNdlovukazi kumele izilele ukushona komyeni wayo yodwa emngcwabeni.
Umholi weqembu eliphikisayo uKeir Starmer uhole izicelo ezivuselelwe zokuthi uJohnson noSunak basule esikhundleni.
“UBoris Johnson noRishi Sunak baphule umthetho futhi baqamba amanga kaningi emphakathini waseBrithani,” usho kanje.
Izinhlawulo zikaJohnson noSunak ezimbili kwezingu-50 kumele zinikezwe ngamaphoyisa kubasebenzi bakahulumeni, lezo uStarmer athe kuwubufakazi “bobugebengu obudlangile” kuhulumeni.
Lezi zindaba ziyigalelo lakamuva kulokho okubeyisonto elibi kuSunak. Isimemezelo sakhe sesabelomali ngoNdasa siye sagxekwa kakhulu ngokukhuphula izintela kubantu abasebenzayo njengoba bedlula ezindlekweni ezimbi kakhulu zokuphila zase-UK emashumini eminyaka.
Ngokushesha ngemuva kwalokho, kuye kwavela ukuthi unkosikazi wakhe, ongomunye wabantu abacebe kakhulu e-India, ubengayikhokhi intela yase-UK emalini etholwa phesheya njengengxenye yohlelo olusemthethweni kodwa olungathandwa kakhulu.