Izikhulu zaseZim zicela elakuleli ukufaka abantu bayo ekhwapheni

By Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Njengoba elakuleli lenza imizamo yokukhipha abasebenzi benxusa layo enhlokodolobha yase-Sudan i-Khartoum uhulumeni wase-Zimbabwe ucele ukugibeza abasebenzi babo ebhanoyini lakuleli eliphuma ezweni elikhungethwe izimpi.

OJenene ababili bamasosha abagaqele isikhundla sokubusa i-Sudan sebephendule leliyazwe isizinda sempi esesidlule nemiphefumulo yabantu abaningi.

Ngakolunye uhlangothi kukhona u-Abdel Fattah Aburhan ongumholi webutho lezimpi lase-Sudan kanti ngakolunye uhlangothi kukhona uMohamed Hamdan Dagalo ongumkhuzi we-paramilitary Rapid Support Forces (RSF).

Ngokubambisana baketula owayenguMengameli wase-Sudan owayedume kabi u-Omar Al-Bashir ngo-2019 futhi baketula umbuso ngempumelelo ngo-2021.

Njengoba isizwe silungiselela ukuba nohulumeni wezakhamuzi ojenene babanga ukuthi ubani okufanele ahole amasosha uma i-RSF isihlanganisiwe yenziwa umbutho wezwe.

Ukumiswa kwezikhali amahora angu-24 ukuvumela izakhamizi ukuthi zihambe endaweni yempi kuthathe amahora ambalwa ngoLwesibili ngaphambi kokuthi kuqale ukuqhuma kwezibhamu namabhomu ezindiza zempi enkabeni ye-Khartoum.

Cishe bangu-300 abantu asebeshonile kanti abangaphezu kuka-2,000 balimele futhi badinga usizo lwezokwelashwa.

UNgqongqoshe woMnyango wezokuXhumana kwamaZwe kanye nokuBambisana uNkk Naledi Pandor uthe bacabanga ukukhipha abantu bakuleli e-Sudan.

“Kade sikhuluma nabasebenzi behhovisi lenxusa lethu futhi manje sengicabanga ukuthi kufanele sibheke ukuthi sidinga ukusukumela phezulu yini odabeni lokuphuma kwabantu bakuleli.

“Isimo sibi kakhulu.

“I-Zimbabwe isivele yashaya ucingo yathi inabo abantu lapho futhi uma sinohlelo lokukhipha abethu icela sithathe nabantu bayo,” kusho uNgqongqoshe etshela umsakazo wezwe ngoLwesine.

UMengameli uCyril Ramaphosa uthe lena ingxabano “engenasidingo” kunazo zonke eqhubekayo ezwekazini lonke.

“Sinxuse ukuthi kumiswe umbango ngokushesha ukuze kuqedwe ukungaboni ngaso linye futhi kufanele kuxoxiswane,” kusho uRamaphosa.

Ngokunaka kwamazwe omhlaba anamandla ngenhlekelele yase-Russia nase-Ukraine, i-African Union inikezwe isikhathi esihle sokusebenzisa isixazululo sase-Afrika enkingeni yase-Afrika.

Izihloko zakamuva