Izikhulu nezindlela zokuthuthukisa ibhola labesifazane

Dylan Bettencourt

Okaputeni nabaqeqeshi ababambe iqhaza kwi-Women’s Africa Cup of Nations (Wafcon) baveze izindlela zokuthuthukisa ibhola labesifazane base-Afrika.

Noma ibhola labesifazane lidlondlobala emhlabeni wonke akunakuphikwa ukuthi i-Afrika isalele emuva.

I-Confederation of African Football (CAF) ibe nomhlangano ngoLwesithathu ukuze abesifazane baveze imibono yabo ngokuthi imidlalo yabo ingathuthukiswa kanjani. Lo mhlangano ubuhanjelwe umqeqeshi we-Nigeria uRandy Waldrum nokaputeni wakhe u-Onome Ebi, umqeqeshi wakuleli uDesiree Ellis kanye nomdlali odlala emuva uJanine van Wyk.

Umqeqeshi we-Burundi uGustave Niyonkuru nomunye wabadlali bakhe abahamba phambili uSaffira Guinand, umqeqeshi we-Uganda uGeorge Lutalo nonozinti uRuth Aturo, kanye nomphathi weqembu lesizwe lase-Botswana uGaolethloo Nkutwisang nokaputeni uBonan Otlhagile nabo bebekhona.

UMnu Meskerem Goshime Tadesse oyisikhulu sezokuthuthukiswa kwebhola labesifazane kwi-CAF uthe noma isigungu esilawulayo sesiwenzile umsebenzi wokuthuthukisa le midlalo, kodwa usemkhulu umsebenzi okufanele wenziwe.

“Yize sesihambe ibanga elide ekuthuthukisweni kwebhola labesifazane ezwenikazi lethu kuningi okusamele kwenziwe,” kusho uTadesse.

“Ukwethulwa kwe-Women’s Champions League, ukwandisa isibalo samaqembu eye-Wafcon kanye nokusungulwa kwezikole zebhola e-Afrika yonkana kuvumele amaqembu ukuthi akhulise umdlalo.”

Uthe bahlela ukunikeza abadlali izinkontileka namalayisensi.

“Ukuze kube nezinga elingcono, abaqeqeshi kufanele babe nelayisensi engu-B kanti ngaphambili kwakuyilayisensi engu-C,” kusho uGroshime.

Umdlali nomqeqeshi ngamunye kuthiwa bathole ithuba lokuba neseshini eyodwa ne-CAF ukwethula iziphakamiso zabo.

Njengamaqembu abesilisa alikho iqembu labesifazane lase-Afrika elinqobe iNdebe Yomhlaba ye-Fifa okuwumgomo omkhulu ezweni.

Umthombo wesithombe:@CompleteSportNigeria

Izihloko zakamuva