Izikhulu ezimbili zesibhakela zixoshwe ngemuva kokuhlolwa ngobuchwepheshe obuhlonza amanga

Dylan Bettencourt

Izikhulu ezimbili zesibhakela ziphindiselwe ekhaya zisuka ku-Aiba World Amateur Boxing Championships ngemuva kokuthi ubuchwepheshe bokuhlonza amanga buveze ukuthi ziyasolisa ngesikhathi ziphekwa ngemibuzo.

Ubuchwepheshe, obuvame ukusetshenziswa yizikhungo zomthetho, busetshenziswe ukuhlola onompempe namajaji angama-50, kanye nezikhulu zezobuchwepheshe ezingama-20 zamazwe ngamazwe.

Isibhakela se-Ateur kudala singatshazwa ngobuqotho baso. USolwazi uRichard McLaren, ophenya ngokudlalwa kwemidlalo yama-Olimpiki ase-Rio angowezi-2016, uthe lolu hlelo lwengeziwe ukuze kuqinisekiswe ukuthi lo mdlalo awunankohlakalo.

Umbuzo obambe lezi zikhulu ezimbili ubuthi, “wake warobha emcimbini wesibhakela?

Bekuya ngendlela eziphundula ngayo lezi zikhulu njengoba bekuqhutshekwa zi phekwa ngemibuzo ukuze kutholwe ukuthi ngabe inkohlakalo ikhona yini kunoma yimuphi imincintiswano yesibhakela ebeziyingxenye yawo.

“Abaphenyi nabahlaziyi basebenzisa ithuluzi lokuhlaziya izwi ukusiza ukuhlola izikhulu. Ikala imisebenzi yokuqonda kwengqondo ezimpendulweni zamazwi futhi – inikezwe imibuzo efanele – ithola ukuthi lowo muntu usengozini encane, usengozini emaphakathi noma usengozini enkulu ngokuba yisikhulu emiqhudelwaneni,” kusho uMcLaren.

USolwazi ukholelwa ukuthi ubuchwepheshe bungaba usizo kweminye imidlalo embalwa, njengoba bukhomba ngokucacile noma yiziphi izinkinga futhi busiza ukuvikela ubuqotho bezemidlalo.

I-International Olympic Committee (i-IOC) iphinde yamisa i-AIBA (i-International Boxing Association) kusukela uMcLaren evundulule okungahle kusize ukulungisa imidlalo.

Umthombo wesithombe: @TimesOfIndia

Izihloko zakamuva