Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Abafundi baMatikuletsheni eKariega abakwazanga ukubhala izivivinyo zabo zeComputer Applications Technology ngoLwesibili ngenxa yokuthi izimvula ezinamandla zidale ukunqamuka kukagesi kule ndawo.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape, uMnuz Malibongwe Mtima, uthe basebenza kanzima ukusiza izikole ezithintekayo.
“Indawo yonke igcwele amanzi, iKariega ayinawo ugesi. Umqondisi wesifunda sethu, i-cluster chief, nenhloko yomnyango bonke bakhona bezama ukulungisa le nkinga,” kusho uMtima.
Akuzona zonke izikole endaweni ezithintekile.
UNgqongqoshe wezeMfundo e-Eastern Cape, uFundile Gade, uthe bangu-4 873 abafundi abebezobhala lezi zivivinyo esifundazweni, kodwa bangaphezu kuka-400 abafundi baseNelson Mandela Bay abathintekile.
UNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, uSiviwe Gwarube, uthe uMnyango wakhe uthathe isinqumo sokukuhoxisa ukuhlolwa kwabafundi abathintekayo.
“Isinqumo sithathwe ngoba yize abafundi beyiswe ezikoleni kodwa umonakalo owenziwe yiziphepho nokunqamuka kukagesi kusho ukuthi ngeke bakwazi ukubhala izivivinyo zabo namuhla eGqeberha,” usho kanje.
Umnyango uthe abafundi bazobhala isivivinyo esibaphuthile ngemuva kwesivivinyo sokugcina ngomhlaka-28 kuLwezi.
UGade wengeze ngokuthi okubakhathaza kakhulu manje isimo sezulu ngoLwesithathu njengoba u-80% wabafundi baMatikuletsheni esifundazweni bezobe bebhala IsiXhosa Language Paper.
Esithombeni esingenhla: Abafundi baMatikuletsheni babhalw izivivinyo zabo zokugcina.
Umthombo: X
