Izikhukhula zigugule namathuna

Karabo Rammutla

Izikhukhula zakamuva ezihlasele e-Tshwane zidlule nemiphefumulo emihlanu zashiya inqwaba yabantu isele dengwane-zaphinde zagugula namathuna.

Lezi zikhukhula zidale umonakalo emathuneni ngaphesheya kwase-Mamelodi lapho amathuna ecekeleke phansi. Amanye amathuna anemifantu kwamanye kuwe namatshe.

UMaria Ringane uthe uthukile ngesikhathi eyobheka ithuna likababa wakhe ongasekho emathuneni ase-Heatherly e-Mamelodi.

Uthe ithuna belishone phansi kwaguguleka nebhodi ababelibekile.

Samsung Galaxy 14G

“Kubukeka sengathi ithuna likababa belisendleleni ebigeleza amanzi,” usho kanje.

UMaria ugqugquzele abanye abantu ukuthi bayobheka amathuna othandiweyo babo.

“Akulona lodwa ithuna likababa elithintekile, maningi amathuna abe nemifantu nenhlabathi ingene ngaphakathi. Abantu kumele beze bazofaka inhlabathi emathuneni,” kusho yena.

UMathews Nkosi uthe uye wabhala ku-Facebook ngemuva kokubona isimo samathuna.

“Ngiyethemba ukuthi abantu bazowubona umbhalo wami bafike bazolungisela amathuna othandiweyo babo,” usho kanje.

UMathews uthe ube nenhlanhla yokuthi amathuna ezihlobo zakhe awathintekanga.

UMotheo Moselakgomo uthe izikhukhula zihlasele ngemuva kwesonto bengcwabe ugogo wabo.

“Ngiye ngakhathazeka ngesikhathi ngibona ukuthi amathuna athintekile ngabiza umalume saya ukuyobheka nangempela safica ithuna lingene phakathi,” usho kanje.

Uthe zonke izimbali nemihlobiso abebeyibeke ethuneni ikhukhulekile.

“Inkomishi nesoso ayeyikhonzile ugogo kukhukhulekile, bekubuhlungu kodwa okungenani sikwazile ukulibona futhi salungisa ithuna lakhe,” usho kanje.

Okhulumela uMasipala wase-Tshwane uLindela Mashigo uthe uMasipala uzama okusemandleni ukusiza labo abathintwe yizikhukhula.

“Nginxusa imindeni ukuthi ihlole amathuna ezihlobo zayo ezingasekho, kanjalo nomasipala uzobhekelela amathuna wonkana ngokusika utshani, ukunakekela imigwaqo nokubiya,” usho kanje.

Scrolla World Cup Quiz