Izikhukhula zicekele phansi izindlu zabahlali base-Mamadimo

Moyahabo Mabeba

Abahlali base-Mamadimo Park ngaphandle kwelokishi lase-Mankweng e-Polokwane baxwayiswa ukuthi bangakhi izindlu kule ndawo, kodwa basishaya indiva isixwayiso.

Bathi kunzima ukuthola indawo yokwakha izindlu, kanti neziza ezingathengwa ziyabiza.

Ngakho-ke, naphezu kwezixwayiso eziphindaphindiwe ezivela kuMasipala wase-Polokwane, bakha izindlu zabo kanti abanye basazokwakha.

Kusukela ngoLwesihlanu abahlali base-Mamadimo Park nase-Unit D bebematasa, bezama ukukhipha amanzi ezindlini ezigcwele amanzi.

Abahlali abaningi bathintwe iziphepho ezinamandla ezikhukhule izindlu nezimoto zadala umonakalo omkhulu emigwaqeni nakungqalasizinda kagesi.

Umhlali uRoselyn Seabela uthe izikhukhula zangempelasonto azigcinanga nje ngokushiya indlu yakhe enegumbi elilodwa igcwele amanzi, kodwa iphinde yakhukhula ukudla kwakhe, izingubo zokulala namanabukeni engane yakhe.

URoselyn uthe ngesikhathi edinga isitende ukuze akhe umuzi ngowezi-2008 indawo eyayitholakala e-Mankweng kwakuse-Mamadimo kuphela.

“Ngaxwayiswa ukuthi indawo igcwala amanzi ngezikhathi zemvula, kodwa kwakumele ngigxumeke umjondolo. Eminyakeni edlule ngike ngabhekana nomonakalo omkhulu ngokuhlala lapha, kodwa siphoqelekile ukuthi sihlale khona lapha,” esho.

“Phezu kwengozi esiyibangelwa izikhukhula asiyi ndawo ngoba abantu abaningi sebezakhele izindlu ezinkulu.

Umholi womphakathi uJack Kganyago uthe abahlali base-Mamadimo kufanele bavele bacabange ukushiya leyo ndawo futhi babelwe indawo ephephile.

“Phakathi kwabo, abahlali, umasipala nabaholi bomdabu kumele bathole isixazululo kule nkinga,” esho.

Okhulumela uMasipala wase-Polokwane, uThipa Selala, uthe abahlali  base-Mamadimo belulekwe ukuthi bathuthe.

“Umasipala usaqhubeka nokuxoxisana nabaholi bomdabu ukuze uma sekwabiwa iziza kuhlelwe ngendlela efanele. IMeya yaphambilini ibihlezi ikhuthaza abantu ukuthi basuke emaxhaphozini, kodwa abantu base-Mamadimo banqaba,” kusho uSelela.

Izihloko zakamuva