Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Imvula enamandla ehlasele iNelson Mandela Bay phambilini eyakhahlanyezwa isomiso ishiye izakhamizi ezingxenyeni eziningi zikamasipala zingenamakhaya futhi zikhungathekile.
Yize ukuna kwemvula kuwumphumela omuhle kuleli dolobha elibhekene nenkinga yokushoda kwamanzi, imvula isidale umonakalo emalokishini amaningi nokuphoqe umasipala ukuthi uthuthe izakhamizi ukuze uvale imigwaqo.
Ezinye izakhamizi ezindaweni ezikhahlanyezwe izikhukhula ziyala ukuyiswa ezindaweni eziphephile ngoba zisabela ukuthi izimpahla zazo zizokwebiwa uma seziphumile ezindlini zazo.
UNombeko Solani (45) ohlala emijondolo yaKwaNdokwenza elokishini laKwazakhele uthe uncamela ukusala enze isiqiniseko sokuthi impahla yakhe iphephile kunokuthi imlahlekele.
“Angifuni ukushiya ifenisha yami ngemuva ngincamela ukuhlala lapha kunokuthi ngiphephe ndawana thize kodwa ngibe ngishiye izinto zami zinganakiwe,” esho.
Esinye isakhamuzi uLindelwa Zumani uthe izikhukhula akuzona kuphela into abakhathazeke ngayo.
“Asikhathazekile nje kuphela ngokuthi izikhukhula zizocekela phansi ifenisha yethu. Amasela asizakala ngazo zonke izimo. Basebenzisa ithuba lokucishwa kukagesi futhi izikhukhula ngeke zibavimbe ukuthi bantshontshe ifenisha yethu.”
Ilungu lekomiti lemeya elibhekelela ezokuPhepha ikhansela uLawrence Troon uthe umasipala uzoqhubeka nokuqapha isimo. “Siyakwamukela ukuna kwemvula ngoba siyayidinga kakhulu njengoba sibhekene nenkinga yesomiso esibi.
“Amathimba ethu aphansi asiza abantu abathintekayo endaweni futhi sizosiza imiphakathi ethintekayo uma kungenzeka futhi sizothutha labo abavumayo. Ngeshwa ngeke sikwazi ukukhipha abantu uma bengafuni,” esho.
Izindawo ezikhahlanyezwe izikhukhula kubalwa i-Missionvale, Kwazakhele, i-New Brighton, i-Jachvlakte, i-3rd Avenue Dip e-Newton Park, i-M4, i-Uitenhage, i-Sidon Road kanye ne-CuylerBrigde e-Kariega phakathi kwezinye.
Esithombeni esingenhla: Ilokishi lakwaZakhele elikhahlanyezwe izikhukhula e-Gqeberha
Umthombo Wesithombe: Sithunyelwe