Lubhalwe nguSongeziwe Mapukata
Amaphoyisa abatshuzi kubikwa ukuthi asathungatha isidumbu sowesilisa oneminyaka engu-40 ubudala ogwilize ngoLwesine ngesonto eledlule ngemuva kwemvula enamandla ehlasele e-Port St Johns.
Sekungokwesibili izikhukhula zihlasela idolobhana elincane elisemaphethelweni omfula Umzimvubu ongamakhilomitha angu-70 endaweni yaseMthatha, kanti zishiye omkhulu umonakalo kule ndawo.
Isidumbu somfana (18) sitholwe ngo-12 emini ngeSonto, sisemfuleni eLuthezane.
Ukushona kuka-Asenathi Mkawusi kuqinisekiswe ngamaphoyisa ase-Eastern Cape. Bekungokokuqala bethola isidumbu, kodwa kulandele esesibili sikaFumanekile Ntshubaqa (53) esitholwe ngemuva kwamahora amathathu e-Grovsnor Beach.
“Owesithathu, uMhlabunzima Sikhathele (40) wase-Rhole loc Lambase A/A, ugwilize emfuleni iLuthezane ngoLwesine kanti isidumbu sakhe asikakatholakali.”
“Abatshuzi basasendaweni yesigameko njengoba besazama ukuthola isidumbu sakhe,” kusho uBrigadier Tembinkosi Kinana etshela i-Scrolla.Africa.
UKinana wengeze ngokuthi amaphoyisa avule amadokodo amabili ophenyo.
IMeya yase-Port St Johns, uNomvuzo Mlombile-Cingo ithe idolobha linezinkinga lokudonsa amanzi okuholela kwizikhukhula ezidale umonakalo omkhulu edolobheni.
Ukhulume ne-Scrolla.Africa echaza ngokuthi idolobha belingakalulami enhlekeleleni enkulu eyenzeka ngoMbasa nyakenye.
“Okusikhathaza kakhulu njengamanje ukutholela abantu izidingo edolobheni njengoba bevalelekile ngenxa yokudilika kwenhlabathi.
Cishe kudilike izindawo eziyisikhombisa okuvimbela izigodi eziningi ezisizungezile ukuthi zithola ithuba lokuyothenga ukudla. Ngisho noma sizama ukuhlanza imigwaqo evaliwe, kodwa izinga lomonakalo libi kakhulu.”
Ngaphambi kwale nhlekelele, idolobha belisahlalelwe ukwakha amabhuloho angu-40 ukuze kudambise umthelela wemvula enamandla. Njengamanje amabhuloho asanda kwakhiwa acekelwe phansi yilezi zikhukhula.
UMasipala wase-Port St Johns ongaphansi kukaMasipala wesifunda i-OR Tambo, usaqhubeka nokukhahlanyezwa izimvula ezinamandla kanti ngenyanga edlule izimvula ezinamandla zidale umonakalo kwenye indawo yezivakashi ebizwa nge-Coffee Bay.
“Sidinga ukulungiselwa kabusha imisele emawadini angaphezu kuka-20. Njengoba bese ziqalile izinhlelo zokulungisa seziphinde zacekeleka phansi ngenxa yale nhlekelele. Okubuhlungu kunzima ukusebenza ehlobo njengoba inetha kakhulu imvula. Kodwa sithemba ukuthi sizokwazi ukulungisa ebusika.”
Umkhandlu uzohlangana ngoMsombuluko njengoba usaqhubeka nokulekelela labo abadinga usizo.