Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kokuba umbulali wakhe aphume ejele ngoshwele itshe eliyisikhumbuzo likaChris Hani e-Ekurhuleni licekelwe phansi isiphepho esinamandla.
NgoMgqibelo ntambama itshe lemabula elixhunywe kwenye yezinsika ezine ezinde liphahlazeke phansi phezu kwetshe lesikhumbuzo seqhawe elamelana nobandlululo.
Unogada wase-Thomas Nkobi Memorial Garden, e-Elspark uthe ngesikhathi kunesiphepho bezwe umsindo omkhulu uqhamuka ngaphakathi kwesikhungo.
Kuthe uma beyophenya bathola izingxenye zesakhiwo zilimele.
Unogada ocele ukungadalulwa igama uthe akasoli ukuthi lesi sakhiwo sicekelwe phansi ngamabomu.
“Isiphepho besisibi kakhulu njengoba ezinye zezihlahla ezingaphakathi nazo ziwile,” etshela i-Scrolla.Africa.
“Ngize nganovalo ngisaba nokuthi kuzocekeleka phansi ihhovisi lethu lezokuphepha eliwumjondolo.
“Ukube ngempela bekukhona abacekela phansi isakhiwo ngabe baphinde bacekela phansi itshe lethuna likaChris Hani eliqhele ngamamitha ambalwa ukusuka esakhiweni, kodwa lona alinalutho.
Leli litshe eliyisikhumbuzo lakhiwa ngoMbasa ngonyaka ka-2015 kukhunjulwa leli qhawe elabulawa eminyakeni engu-29 edlule.
Esitatimendeni esikhishwe i-ANC uNobhala uThembinkosi “TK” Nciza uthe ukuwa kwaleli tshe lesikhumbuzo kubi kakhulu njengoba kwenzeka esikhathini esinzima emlandweni wethu”. Umbulali kaHani uJanusz Walus uzophuma ejele ezinsukwini ezizayo ngemuva kokuba enikezwe ushwele ngeledlule iNkantolo yoMthethosisekelo ngesinqumo esiyingqophamlando.
UWalus watholwa enecala wagwetshwa udilikajele ngecala lokubulala iqhawe lomzabalazo ngoMfumfu ngonyaka ka-1993.
Ngo-2020 wafaka isicelo sikashwele, kodwa isicelo sakhe sachithwa nguNgqongqoshe wezoBulungiswa uMnu Ronald Lamola. Isicelo sikaWalus sachithwa iNkantolo eNkulu yasePitoli kanye neNkantolo eNkulu yokudluliswa kwamacala, kodwa yagcina seyifike ngaphambi kweNkantolo yoMthethosisekelo evumele lesi sinqumo mhlaka-21 kuLwezi.
Isinqumo seNkantolo sihlangatshazwe ngentukuthelo ngamaqembu amaningi amakhulu kuleli. NgoMgqibelo amalungu e-Tripartite Alliance, i-ANC, i-South African Communist Party kanye ne-Congress of South African Trade Unions akanise ngaphandle kweNkantolo yoMthethosisekelo.
Ababhikishi bebefuna iNkantolo iguqule isinqumo sayo sokudedela uWalus.
USihlalo we-ANC e-Gauteng, uPanyaza Lesufi uchaze lesi sinqumo njengesenzo esingenabulungiswa.
UWalus ngeke adingiselwe e-Poland njengoba imibandela yakhe kashwele idinga ukuthi ahlale kuleli.