Izikhukhula zase-Eastern Cape zidlule nemiphefumulo engu-57 njengoba kusaduke izingane zesikole ezine

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Isibalo sabashone ngenxa yezikhukhula e-Eastern Cape senyuke safinyelela ku-57, njengoba kusaduke abafundi abane ngemuva kokuguguleka kwetekisi.

ONgqongqoshe bakahulumeni bavakashele imindeni ekhahlamezekile kanti i-EFF isola uhulumeni wesifundazwe ngengqalasizinda entengantengayo nokuthatha isikhathi ukuthi aphendule.

Isibalo sabashone ngenxa yezikhukhula e-Eastern Cape sesikhuphuke safinyelela ku-57 njengoba uNgqongqoshe kahulumeni uMnuz Velenkosini Hlabisa ethe kumzwisa ubuhlungu ukubona imindeni eminingi ibhekene nalesi simo.

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uHlabisa umemezele lesi sibalo ngesikhathi ehlola umonakalo owenzekile endaweni yaseMthatha.

UNgqongqoshe uthe kubi ukubona abantu beshona ngale ndlela.

“Kubuhlungu kakhulu ukubona abantu abangu-57 okubikwa ukuthi sebeshonile, ngokombiko esiwuthole ekuseni. Abangamashumi amahlanu nesikhombisa ababona nje isibalo sabantu le yimizimba yabantu, abanye babo bebondla imindeni yakhe kanti abanye bekuyizingane zodwa emindenini yabo,” esho.

Uqhube wathi bazovakashela imindeni yabashonile phakathi kukaLwesine noLwesihlanu.

Khonamanjalo, kuqale phansi ukuthungathwa kwabantu abadukile eMthatha. Abafundi abane basadukile ngemuva kwezikhukhula ezigugule itekisi abebehamba ngayo.

UNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, uSiviwe Gwarube, uphakathi kwezikhulu zikahulumeni ezihambela le ndawo. Bazophinde bavakashele isikole nemindeni yabafundi abashonile.

UGwarube uchaze ukushona kwabafundi abayisithupha baseJumba Senior Secondary School njengokudabukisayo.

“Iphuzu ukuthi size sizoma nozakwethu abakhungethwe yilolu hlobo lokulahlekelwa. Siyazi babalelwa ku-49, futhi yonke imizamo kuhloswe ngayo ukuthola laba bafundi ukuze bezothola ukuthula,” kusho yena.

“Ngike ngamtshela noMengameli ngalolu daba, ikakhulukazi ngabafundi abashone engozini izolo kanye nalezo ezisadukile, ngikholwa ukuthi ngenxa yobukhulu balesi sibhicongo sizokwazi ukuthola izinsiza zikazwelonke ezizofika kulesi sifunda,” usho kanje.

Khonamanjalo, i-Economic Freedom Fighters e-Eastern Cape isiphakamise ukuthi uhulumeni wesifundazwe afakwe ngaphansi kokuphathwa.

Umholi we-EFF esifundazweni uZilindile Vena usole uhulumeni wesifundazwe ngokushona kwabantu wathi bekungavinjwa ukube bekunengqalasizinda efanele.

UVena uthe izikhulu ezihlulekile ukuqinisekisa ukuthi kunengqalasizinda efanele esifundazweni kumele zithweswe icala.

“Kwathunyelwa imali yokuthi le ngqalasizinda yakhiwe, igcinwe, ngabe kwenziwa lokho? Futhi ngubani obhekene necala?” Ebuza.

UVena uthi kumele baphendule abantu, wengeza ngokuthi, “Ngisho nangesikhathi kwenzeka izikhukhula abantu bebeminza, impendulo ivele ngemuva kwamahora ayisithupha.

“Lokhu, naphezu kwezixwayiso zesimo sezulu kanye nokuxhumana komasipala betshela imiphakathi ukuthi izilungiselele izimvula ezinamandla. Nokho umasipala ubungazilungiselele.”

Esithombeni esingenhla: Imiphakathi yonke icwile emanzini ngemuva kwezikhukhula ezicekele phansi eMthatha ngoLwesibili.

Umthombo wesithombe: Facebook

Izihloko zakamuva