Izikhalo zabesifazane belomphebezo

Razeen Gutta

I-US Open ithole ukugxekwa ngokusebenzisa amabhola ethenisi ahlukene emidlalweni yabesilisa neyabesifazane.

Ngaphambi kokuqala komqhudelwano ngoMsombuluko amabhola ethenisi asetshenzisiwe aphakanyiswe esithangamini sabezindaba sika-Iga Swiatek ngesikhathi ohamba phambili emhlabeni ebiza i-Wilson US Open ngamabhola amabi. 

Ngesikhathi se-grand slam abesilisa bazosebenzisa amabhola e-Wilson’s US Open extra duty, abesifazane bona bazosebenzisa amabhola avamile azacile angamahle kangako. Lokhu kuholela ejubaneni elengeziwe kanye nokundiza okwengeziwe, kodwa ngaphezulu kwalokho kuphinde kuholele ekutheni bangabonwa njengabantu abalinganayo emdlalweni.

“Ngicabanga ukuthi lawo mabhola akumele afakwe, ikakhulukazi ngemuva kwemidlalo emithathu yokudlala kanzima. Ekugcineni awukwazi nokudonsa u-170 km ngehora ngoba uyazi ukuthi lizondiza liphephezele. Yebo ngicabanga ukuthi mabi kakhulu. Uxolo,” kusho uSwiatek.

“Njengamanje sidlala ngamandla futhi ngeke sikwazi ukukhulula izandla zethu ngala mabhola. Ngiyazi ukuthi baningi abadlali abakhonondayo, futhi abaningi babo bakwi-top 10. Senza amaphutha amaningi. Ungacabanga ukuthi kumnandi ngempela lokho esikwenzayo kanti akunjalo.”

Amazwi akhe okugcina kwisithangami sabezindaba, nokho uthe: “Usanda kuqala impi.” Kule nkulumompikiswano kubonakale inqwaba yabesifazane abancintisana nabo bezwakalisa ukungenami kwabo, kanti i-United States Tennis Association (Usta) yasivikela isinqumo sayo.

“Ziningi izinto ezibhekwayo kulezi zinqumo kanti i-Usta izoqhubeka nokulandela izincomo zabavakashi nezigungu zabadlali bazo ukuze kutholakale ukuthi imaphi amabhola azosetshenziswa ngesikhathi se-US Open,” basho kanje esitatimendeni.

Amabhola ajwayelekile kubikwa ukuthi ayanconywa ngokweqiniso lokuthi abeka ubunzima obuncane ezingalweni. Futhi ngaphandle kwezikhalazo ezivela kwabanye, abadlali abafana noMadison Keys noPetra Kvitova bathi bayalijabulela kakhulu ijubane nokundiza okuhlinzekwa ngamabhola.

“Leli ibhola engilikhonzile futhi sizilolonga ngalo ngaso sonke isikhathi,” kusho uKeys owehlule i-Swiatek emqhudelwaneni we-Cincinnati ngesonto eledlule.

Umthombo wesithombe: @NPR

Izihloko zakamuva