Izikhalazo ngoshintsho olwenziwe kupopayi uBarney 

Ukuvela kopopayi kumabonakude wezingane olingisa indawo kaBarney oyi-purple dinosaur, kushiye abalandeli abaningi bedidekile futhi benemizwa ehlukene, ngokusho kwe-BBC.

Ukuze iveze okuhlukile, inkampani yamathoyizi i-Mattel okuyiyona eyakha uBarney, yazibuza ukuthi: “Ingambuyisa kanjani ekuphileni umlingiswa wezingane ongasekho ngaphandle kokucasula abalandeli bakhe bangaphambilini?

UBarney omusha kulindeleke ukuthi avele maduze kumabonakude, naku-YouTube.

Omunye ephendula esithombeni esibonisa ukubukeka kopopayi omusha uthe, i-Matel izobaphuphisa kabi ngaloBarney wabo omusha ethusayo”.

Uchungechunge oludumile olubizwa nge-Barney & Friends laqala ukudlala esiteshini se-PBS kusukela ngo-1992 kwaze kwaba ngu-2010. Uchungechunge olusha luzokhonjiswa okokuqala ngonyaka ozayo.

Umlingiswa usevele izikhathi eziningi embukisweni we-Macy’s Thanksgiving Day.

Kodwa ukubukeka kwalo mlingisi ovuselelwe kabusha kwenze abantu abaningi baphawula ezinkundleni zokuxhumana bethi bafuna uBarney wabo wakudala.

Ku-Twitter kukhona ophawulile wathi uBarney omusha bamenze amashiya aphakama kakhulu bamubika ne-“Dino-plasty”.

Omunye uthe: “Umbhedo lo abawenzile futhi ingakho umlingiswa wokuqala eyohlale ehamba phambili.”

Akusibona bonke abantu abanokungabaza ngoBarney omusha. Kukhona obhale ukuthi “Empeleni ngiyamthanda uBarney omusha ubukeka ehlukile.”

Nakuba lokhu kungase kubonakale njengoshintsho olukhulu kakhulu, kodwa lo mlingiswa abamushintshanga kakhulu usafana kancane nalowo wakudala

UJosh Silverman umphathi wemikhiqizo yabathengi be-Mattel, uthe inkampani izongena kwimizwa yesizukulwane sabantu abakhule bebuka uBarney futhi asebengabazali ngokwabo iphinde “ithule le-dinosaur kwisizukulwane esisha sezingane nemindeni eseduze.”

Ngaphandle kwalolu chungechunge i-Matel ithi kuzophinde kube “nohlu olugcwele lwemikhiqizo yezingane oluhlanganisa amathoyizi, izincwadi, izingubo zokugqoka, nokunye”.

Luhlanganiswe nguMashudu Mabila

Isithombe esingenhla: UBarney omusha ongashintshile kangako

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva