Izikhala ze-Comrades Marathon ka-2026 ziphele ngaphansi kwamahora ayishumi

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

Zonke izikhala ezingu-22 000 ze-Comrades Marathon ka-2026 zidayiswe esikhathini esingaphansi kwamahora ayishumi ngoMsombuluko.

Abagqugquzeli bathi ukungenela kuvalwe ngezizathu zokuphepha, kanti ihlelelwe ukuba ngomhlaka-14 kuNhlangulana isuka eThekwini iya eMgungundlovu.

Abangenele iComrades Marathon ka-2026 bathenge izikhala singakapheli nesikhathi ebesibekiwe, zonke izikhala ezingu-22,000 ziphele ngaphansi kwamahora ayishumi.

IComrades Marathon Association (CMA) ithe ukuxhamazela kukhombisa ukuthi bangakanani abasubathi abanothando lwe“The Ultimate Human Race”.

Izikhala zokuqala ezingu-2,600 zivulqe ngesonto eledlule kumalungu e-CMA nabagijimi asebeqede imijaho eyishumi. Ezinye zidayiswe ngoMsombuluko ekuseni zaphela ntambama.

Ngo-2017 kuthengiswe ngokushesha, abahleli bengeze ezinye izindawo ezingu-1,500. Kodwa i-CMA ayikasho ukuthi izokwenza okufanayo nakulokhu.

Umjaho weComrades( 99th) uzokuba ngomhlaka-14 kuNhlangulana ka-2026. Kuzoba uzoqala eDurban City Hall uyophelela e-racecourse yase-Scottsville eMgungundlovu.

I-Comrades ingeminye yemijaho emidala nedume kakhulu eNingizimu Afrika, eheha abagijimi abavela emhlabeni wonke.

Esithombeni esingenhla: Izinkulungwane zabagijimi zibambe iqhaza kuComrades Marathon, i-ultra-marathon edume kakhulu eNingizimu Afrika.

Umthombo wesithombe: @ComradesRace

Izihloko zakamuva