Izihlabani zomculo zase-Afrika ziwine ama-Grammys

Arthur Greene

Izihlabani zomculo zase-Nigeria uBurna Boy noWizkid bobabili bathole imiklomelo kuma-Grammys kowe-2021 ngeSonto ebusuku, okukhombisa ukukhula kwalolu hlobo lomculo emhlabeni jikelele.

UBurna Boy uhlabane ne-Best Global Music Album kwathi uWizkid yena wahlabane ne-Best Music Video ngengoma yakhe ayicula noBeyoncé; “i-Brown Skin Girl” evela ku-Lion King: The Gift album.

UBurna Boy, one-albhamu isihloko sayo sithi-African Giant, ubeqokwe okwesibili kulandela ukuqokwa kwakhe ngonyaka odlule futhi wangahlabana nge-albhamu yakhe i-Twice As Tall.

Lo mcimbi wemiklomelo ngokwesiko uthathwa “njengobusuku obukhulu kakhulu bomculo,” kodwa umcimbi walo nyaka awukhathalelwanga kakhulu ngenxa yalolu bhubhane.

Bebengekho ababukeli kanye nabaculi – kuphela nje bekukhona uCardi B kanye noTaylor Swift – abebehlukaniswe ngezigaba ezinhlanu ezihlukene ukugcina ukuqhelelana komphakathi.

UBurna Boy, akenzanga njengabobonke abantu, ngesikhathi amukela umklomelo wakhe ngocingo lwevidiyo olukude.

Egqoke isudi emhlophe ekhazimulayo kanye nemigexo yesiliva uthe:

“Kubo bonke abantu base-Afrika nangaphandle, noma ngabe ukuphi, noma ngabe uhlela ukwenzani, ungakufeza […]‘ ngoba uyinkosi. Bheka ukuthi ngikuphi manje mina! NginguBurna Boy owine indondo ye-Grammy!”

Ube esegubha ngokukhulu ukujabula kanye nomndeni wakhe, abebekhona naye.

Umklomelo we-Grammys uchaze i-Twice As Tall njenge-albhamu “equkethe umculo onezifundiso kanye nokusebenza kanzima okwenze uBurna Boy aphumelele njengomculi othandwa emhlabeni jikelele”.

“Uyaqhubeka nokukhanyisela isibani kuyo yonke imkhawulo, ukuhlanganisa izitayela nezinhlobo zomculo aphinde avuselele umungxa we-pop, nge-Afrobeat, i-dancehall, i-reggae kanye nokuningi,” kusho le nhlangano.

Umthombo wevidiyo: @ComplexMusic

Umthombo wesithombe: @RecordingAcad

Izihloko zakamuva