Izihlabani zebhola lombhoxo emhlabeni jikelele

Lubhalwe nguLucky Maree

Ekuhloleni kwabo abadlali abadlale kahle emidlalweni yamazwe ngamazwe ngempelasonto, i-PlanetRugby ibalule oyedwa wakuleli.

Akumangazi ukuthi umdlali okhethwe esigabeni esiphezulu ( kwinombolo yesine) ngempelasonto bekungu-Eben Etzebeth.

I-RugbyPass ithatha u-Etzebeth, uJesse Kriel kanye noFranco Mostert njengabahamba phambili.

Ibhola lombhoxo umdlalo  wokubambisana njengeqembu. Isibonelo, kuningi okwenzekayo ngaphambi kokuthi odlala eceleni ashaye i-try. Ngisho umzamo wanoma yimuphi umdlali, iqembu lonke lisuke libambe iqhaza ekwakheni amathuba okushaya amaphuzu.

Ukubuka impinda yebhola likaJoel Stransky elidume umhlaba wonke ngesikhathi elakuleli liwina iNdebe yoMhlaba ngo-1995, kukhombisa ukubambisana kwabadlali abayisishiyagalombili abadlala kwi-scrum, ukudlulisa ibhola okuhle kukaJoost van der Westhuizen libheke ngqo kuStransky okwamnika ithuba lokushaya ibhola elihle.

Kuhlezi kumayelana neqembu – kuze kube yilapho iqembu lidinga khona isihlabani.

Okwamanje isihlabani sase-Argentina esikhuthaza iqembu ngu-Emiliano Boffelli. Akuvamile ukuthi odlala eceleni abonakale kakhulu enkundleni kangangokuthi abanye abadlali nhlangothi zombili zenkundla bayakubona ukuba  khona kwakhe.

UJordie Barrett uhlezi edlala kahle, kodwa uye wagqama ngesikhathi i-New Zealand ibhekene ne-Wales. Njengoba besho ubedlala kahle kakhulu.

UGarry Ringrose ube ngumdlali ovele kwi-Ireland, wenza ukuba khona kwakhe kubonakale ngendlela uJesse Kriel noDamian de Allende abangakaze basondele kuyo.

Uma sibuyela ezinsukwini zakudala kwelakuleli enkundleni yebhola lombhoxo ngesikhathi iwina iNdebe yoMhlaba e-Japan ngo-2019, ziningi kakhulu izihlabani ongazibala. Yize uDuane Vermeulen athulwa njengomdlali ovelele womqhudelwano, awukwazi ukuziba uLukhanyo Am, uCheslin Kolbe, uMalcolm Marx, u-Etzebeth phakathi kwabanye.

Sinesihlabani esingu-Eben Etzebeth kodwa sidinga okwengeziwe. Ngabe kuzovela isihlabani kule mpelasonto uma amaBhokobhoko edlala ne-France?

Lokho sizokwazi phakathi kwamabili, ngoMgqibelo.

Osesithombeni esingenhla: Eben Etzebeth

Umthombo wesithombe: @SARrugby

Izihloko zakamuva