Izihlabani zase-Afrika emkhankasweni wokulwa nomalaleveva

Sizwe Sibiya

Abasubathi abahlanu nosaziwayo abavela kulo lonke izwekazi lase-Afrika bahlanganyele nesihlabani sebhola laseNgilandi uDavid Beckham ukulwa nokusabalala kwesifo sikamalaleveva ngoSuku lwe-Afrika.

Njengengxenye yomkhankaso omkhulu ezinkundleni zokuxhumana we-Zero Malaria, izihlabani eziyisithupha zethule ifilimu yazo yesibili yomkhankaso ngoSuku lwe-Afrika, ngomhlaka-25 kuNhlaba.

Umkhankaso we-Zero Malaria wuhlelo lweNhlangano Yezizwe Ezihlangene ngokusebenzisa inhlangano engenzi nzuzo emhlabeni wonke ebizwa ngokuthi i-BM Partnership to End Malaria.

Izihlabani ezinhlanu okubalwa kuzo umsakazi wezindaba waseNingizimu Afrika uBonang Matheba usabalalise lo myalezo ngevidiyo kanti isihlabani se-Afropop sase-Nigeria uYemi Alade usabalalise lo myalezo ngomdanso nangengoma.

Efilimini yemizuzu emithathu kaBeckham – odume ngekhono lakhe ebholeni nasocwaningweni lakhe lwesayensi – udlala indawo kasosayensi owenza ucwaningo lukamalaleveva.

Khonamanjalo abase-Kenya, uFaith Kipyegon no-Eliud Kipchoge, abathole indondo yegolide kuma-Olympics e-Tokyo, bagijimele kuwo wonke amagumbi ezwekazi, besabalalisa impi yokulwa nomalaleveva.

Umgadli we-FC Barcelona wase-Gabon, uPierre-Emerick Aubameyang (33), uhola indlela yakhe ngokumelene nesifo esithwalwa imiyane.

“Umzuzu nomzuzu ingane ibulawa umalaleveva,” kufundeka umbhalo ekugcineni kwevidiyo, engabukwa ku-YouTube kanye nakwiwebhusayithi yomkhankaso we-Zero Malaria.

“Malaleveva, sinezinyathelo ezintsha. Zimbandakanye ne-#AfricaDay ukuze ukhuphule ingcindezi kubaholi bomhlaba ukuze bazibophezele ukufinyelelisa i-#ZeroMalaria esizukulwaneni. Asenzeni i-#DrawTheLine nalabo saziwayo,” kufundeka amazwibela alo mkhankaso wefilimu emfushane abhalwe ku-Twitter.

“Ngiyaziqhenya ngokuba ingxenye yalo mkhankaso!” kusho uBonang, ebhala kabusha lo mbhalo ku-akhawunti yakhe yaku-Twitter enabalandeli abangaphezu kwezigidi ezinhlanu.

Izihloko zakamuva