Izihibe emdlalweni ngenxa yemvula

Razeen Gutta

AmaProteas athwale kanzima osukwini lwesithathu lwesivivinyo sabo bebhekene nabesifazane base-England ngoLwesithathu okokuqala ngenxa yokushaya okuhle kwabasingathi bomdlalo nangenxa yemvula ngesikhathi samaseshini amabili okugcina.

I-England ihole ngama-runs angu-44 ekuqaleni komdlalo yashaya isikhathi esiningi ngaphambi kwesidlo sasemini yagcina isihamba phambili ngama-runs angu-100 njengoba uNatalie Sciver ethole amaphuzu akhe afika ku-169 engaphumanga emabholeni angu-263.

Ku-417/8 abaphathi bamemezele i-innings yabo futhi bafaka elakuleli ukuba lishaye ibhola okuyilapho imvula esize khona isivinini se-England sokushaya ibhola.

Ukuma isikhathi eside kulandela ukuphumelela kwe-Kate Cross ekuqaleni kokukhipha u-Andrie Steyn ngamabhola amathathu emabholeni ayisishiyagalombili.

Isidlo sasemini sisheshe sathathwa ngesikhathi kumiwa amahora amabili.

Ngemuva kokuthi abadlali bebuyele enkundleni kuphonswe ama-overs ayisishiyagalombili kuphela ama-Proteas evala i-England ehamba phambili yaze yadlula ku-100.

Kwaphuzwa itiye kwathi uma umdlalo uqhubeka futhi kwaphonswa ama-overs angu-13 u-Isabelle Wong washaya. 

Oqalayo uthathe amawikhethi amabili kuma-runs ayisishiyagalombili kuma-overs akhe ayisithupha ukushiya izivakashi ku-55/3 futhi basalandela ngemuva ngo-78.

Ziningi izibikezelo zemvula zosuku lokugcina kusasa kodwa i-England inethemba lokuthi izothola umphumela uma kuvunyelwa isikhathi esanele phakathi nomdlalo.

Izihloko zakamuva