Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Zisale zinkemile iziguli zase-Dr Ivan Toms Clinic eMfuleni, eKapa ngemuva kokutshelwa umhlengikazi emehlweni ukuthi azihambe uma zingagculisekile ngomsebenzi wakhe.
UNksz Khanyisile Maqulwana (39) ufike emtholampilo ngehora lesithupha ekuseni ngethemba lokuthi uzobhekwa ngaphambi kwehora leshumi ekuseni, kodwa kuze kwashaya u-2.30 ntambama esalinde usizo.
Ngesikhathi yena nezinye iziguli bebuza umhlengikazi ukuthi bazoluthola yini usizo, kuthiwa ubatshele ukuthi babhalele umphathi wakhe incwadi yezikhalazo uma benganeme ngaye noma baye komunye umtholampilo.
“Ngivuke ekuseni kakhulu ukuze ngibe phakathi kweziguli ezizosizwa kusenesikhathi,” kusho uMaqulwana.
UNokhwezi Futhuse (40) utshele i-Scrolla.Africa ngendlela lo mhlengikazi ehle wadilika kubona nangendlela abekade ebaphethe ngayo kuyabonakala ukuthi ukhathalele ukuhola kuphela akanendaba neziguli.
“Indlela abesiphethe ngayo ikhombisa ukuthi uzele imali, hhayi uthando analo ngomsebenzi.”
“Singaya kanjani kweminye imitholampilo ukhona osondelene nathi? Kumele uMnyango uyibhekisise le nto ngoba uma befunga basuke bezazi ukuthi bazifaka emsebenzini onjani.”
Esinye isiguli, uMnu Siphiwo Mqikela (48) sithe besisemtholampilo ukuyolanda imishanguzo.
“Ngifike emtholampilo ngehora lesishiyagalolunye ekuseni ngaze ngasizwa sekushaye ihora lesibili ntambama, kuthe ngemuva kokuthi sibhekane nomhlengikazi wathi asihambe siye kweminye imitholampilo uma singagculisekile ngomsebenzi wakhe,” kusho uMqikela.
UPatricia van der Roos woMnyango Wezempilo uthe ngokwesidingo, imitholampilo ingase ibhekane nezinselelo zokusiza iziguli ezifika nganoma yiluphi usuku.
“Uma lokhu kwenzeka, imitholampilo isebenzisa inqubo yokubeka phambili izimo eziphuthumayo. Ezinye iziguli zinikezwa isaziso sokuhlehliswa ukuze zibuye ngakusasa ukuze zizothola usizo.”
Umphathi wesikhungo wazisa uMnyango wokunakekelwa kwezempilo oyisisekelo, ozobuyekezwa ukusatshalaliswa kwabasebenzi kuyo yonke imitholampilo ukuze ibone ukuthi abasebenzi bangakwazi kanjani ukubhekana nezinkinga ezahlukene.
Osesithombeni esingenhla: Umtholampilo i-Dr Ivan Toms eMfuleni, eKapa
Umthombo wesithombe: UBuziwe Nocuze