Lubhalwe nguLungani Zungu
Iziguli zasesibhedlela i-Bethesda, eMkhanyakude, enyakatho yeKwaZulu-Natal bezilokhu zingenawo amanzi kusukela ngoLwesihlanu njengoba ompompi besibhedlela bengaphumi manzi.
Ezinye iziguli ezinenhlanhla bezilethelwa amanzi izihlobo zazo kodwa eziningi bezingenayo inhlanhla efanayo njengoba kudingeke ukuthi zinikwe amanzi amancane alethwa amaloli amanzi adlula esibhedlela.
Okwamanje akekho onendlu yangasese ehlanzekile angayisebenzisa; ngaphandle kwamanzi okuchitha imfucuza njengoba izindlu zangasese seziphenduke imigodi engasebenziseki ephoqa iziguli ukuthi zibheke kwenye indawo.
Asikho isidingo sokusho kodwa izindawo zokugezela nazo azisebenzi.
UThabiso Mkhize onomama ogulayo ongeniswe esibhedlela uthe uyaphoqeleka ukuthi aphathe amanzi njalo uma emvakashela.
“Lokhu kubuhlungu ngoba sihambisa abantu ezibhedlela ukuze bathole usizo lwezempilo kodwa manje sebedonsa kanzima abatholi ngisho amanzi,” kusho uMkhize.
“Lokhu akunabulungiswa ezigulini ezidonsa kanzima ukuthola amanzi okuphuza,” kwengeza uMkhize ongathandanga kudalulwe igama likanina ngoba esaba ukuthi usezophathwa kabi.
UThembi oyisiguli uthe kuyinto ebuhlungu kuyena nasezigulini esezikhulile esibhedlela.
“Impilo yami ibenzima lapha kusukela ngoLwesihlanu ngesikhathi sigcina ukuthola amanzi. Kubuhlungu ngoba kukhona izaguga okumele ziphuze amanzi njalo ukuze zibe namanzi emzimbeni,” kusho uThembi.
Uthe abasebenzi basesibhedlela bebelokhu bebanika amanzi njalo uma kufika ithangi lamanzi esibhedlela kodwa uthe lokhu akwenele.
“Zingaphezu kuka-200 iziguli ezikulesi sibhedlela, kanti amanzi awanele ukuthi singawasebenzisa sonke,” kusho uThembi.
Akukhona okokuqala lesi sibhedlela sibhekana nenkinga yamanzi.
Ngo-2018 isibhedlela esisiza abantu abangaphezu kuka-100,000 sahlaselwa inkinga yamanzi.
Kwabe sekungenelela iSilo samaZulu uMisizulu kaZwelithini owathola uxhaso olwaludingeka kakhulu lwezinhlelo zamanzi ngoLwezi odlule.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo eKZN uMnu Mdu Ncalane utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uMnyango uthinte uMasipala wesiFunda uMkhanyakude.
“Sixhumane nesibhedlela futhi sisebenza ubusuku nemini ukuxazulula lolu daba oludalwe kakhulu ukucishwa kukagesi okwenzeka ezweni lethu,” kusho uMdu Dlamini okhulumela uMasipala wesiFunda uMkhanyakude.
“Singuhulumeni ngeke sivumele izimpilo zabantu zibe engcupheni ngenxa yokuntuleka kwamanzi esibhedlela.”
Esithombeni esingenhla: Isibhedlela i-Bethesda
Umthombo wesithombe: Facebook