Iziguli zikhala ngokubanjwa inkunzi

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Ezinye iziguli zifika ekuseni ngehora lesihlanu emtholampilp eNyanga Community Health Centre eKapa ukuze zikwazi ukubamba ulayini ekuqaleni.

Kodwa baba izisulu zezigebengu ezisuke zihlomile uma besalinde kuvulwe umtholampilo. 

UMandisa Jiyana ufuna uMnyango wezeMpilo ubavumele ukuthi bashaye ulayini ngaphakathi emtholampilo.

“Ukulinda ngaphandle kuyingozi asigcini ngokugetshengwa, kodwa maningi amathuba okuthi sigule njengoba kubanda ekuseni.

“Kwesinye isikhathi iziguli zima ngaphandle noma kuna imvula. Ukuma ngaphandle kuyingozi ngezindlela eziningi” kusho uJiyana.

Iziguli ezivakashela umtholampilo zifuna ukuthi umtholampilo usebenzise izinyathelo zokuphepha ezengeziwe.

“Asisho ukuthi ngeke sigetshengwe emtholampilo, kodwa ngeke kube lula. Kuphephe kakhudlwana ngaphakathi kunokuba sime ngaphandle,” kusho uJiyana.

Esinye isiguli sitshele i-Scrolla.Africa ukuthi sekuyiminyaka sikhala ngalokhu.

“Alukho ushintsho. Kuyakhombisa ukuthi abanandaba nathi,” kusho isiguli.

UMonique Johnstone oyisikhulu sezokuXhumana eMnyangweni Wezempilo e-Western Cape, uthe umtholampilo usebenza ngohlelo lokuqokwa kwabantu futhi izikhathi zokusebenza ziqala ngehora lesikhombisa ekuseni kuvalwe ngehora lesine ntambama kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.

“Isikhathi sokuqala sokuqokwa kwabantu abakulayini siqala ngehora lesishiyagalombili ekuseni futhi ukuze kuphephe iziguli zethu siyazikhuthaza ukuthi zifike ngesikhathi esinqunyiwe futhi zingami ngaphandle kwezakhiwo okugcwele khona izigebengu,” kusho uJohnstone.

Phambilini iziguli bezivunyelwa ukuthi zilinde emagcekeni ngaphambi kokuthi kuvulwe, kodwa ngenxa yokuphepha kwabasebenzi, ukuntshontshelwa, nokulimala kwempahla okuke kwenzeka abaphathi bakuvala ukuthi abantu bangene kulesi sikhungo bengakafiki abasebenzi.

“Akekho ongabagada ngehora lesihlanu ekuseni kanti lokho kuyingozi okungase kube icala elibheke eMnyangweni.”

“Sicela ukuthi abantu benze isikhathi sokuthola usizo lwezempilo eNyanga CDC futhi balandele isikhathi sabo ukuze bafike esikhungweni uma behlelelwe ukuthi babonwe ochwepheshe bethu bezempilo.”

Isithombe esingenhla eseziguli ebezime ulayini ngaphandle emtholampilo iNyanga Community Healthcare.

Umthombo wesithombe: sithunyelwe

Scrolla World Cup Quiz