Izigilamkhuba zintshontsha izintambo ze-inthanethi ukuthaka inyaope

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Abanikazi benethiwekhi ye-fiber eNingizimu Afrika bashaqekile ngesikhathi bethola ukuthi izigebengu zeba izintambo ze-glass optic fiber, okuyizintambo ezincane njengezinwele zomuntu, ukwenza isidakamizwa esinamandla.

Izigebengu ziyazigxoba lezi zintambo ukuze zizixube nenyaope ukwengeza isisindo kanye nezithako kulesi sidakamizwa.

INyaope, eyaziwa ngokuthi iwhoonga kwezinye izindawo, iyisidakamizwa esidumile esavela ngeminyaka yango-2000 futhi siqukethe ingxube ye-heroin yezinga eliphansi kanye nomthinzi wezinkukhu. Iphinde ixutshwe nemishanguzo ebizwa nge-antiretrovirals kanye nezithako eziyingozi okuyimpuphu yezingilasi nezinto zokuhlanza impahla.

Umbiko we-MyBroadband uveza ukuthi njengoba i-fiber internet ifakwa ezindaweni ezihlwempu ukuntshontshwa kwamakhebula kuba yinkinga.

Umnikazi wenethiwekhi ye-fiber i-Frogfoot Networks uthe ezindaweni ezihlwempu kakhulu lapho bezama khona ukuhlinzeka nge-inthanethi ongakwazi ukuyithenga babhekene nezinkinga namaqembu ezigebengu azama ukuwaphoqa ukuthi abanike izinkontileka aphinde abasabise nangokuthumba.

“Kuphinde kube namaqembu obugebengu agxile ekuntshontshweni kwezinto zokusebenza, iziphehli zikagesi nethusi,” kusho iFrogfoot.

“Basebenzisa izindlela zobuchwepheshe futhi bathengisa imishini eminingi ngaphesheya komngcele.”

I-Herotel ne-Metrofibre bakhulume ngezinkinga ezifanayo.

“Ukwebiwa kwemishini, ukucekelwa phansi kwempahla kanye nezinsongo kubasebenzi bethu nakosonkontileka okwenziwa iqembu lezigelekeqe ezibizwa ngeconstruction mafia noma labo ababizwa ngamabuziness forum yizinselelo zobugebengu esibhekana nazo,” kusho imenenja ye-MetroFibre optical assurance uJohan Booysen.

Isithombe esingenhla: izintambo ze-fibre.

Umthombo wesithombe: Stock

Izihloko zakamuva